Skip to main content

Posts

Showing posts from 2017

Purpose Driven Visionary

You Are Good Enough

Ukubaluleka Koxolo

Uxolo

#SiyakhuthazanaNje

NGABE UHLEHLELA EMUVA, UPHANDELA NDAWONYE NOMA UYA PHAMBILI?

Uzozi khathaza ngokuthi abantu bacabangani ngawe uma ungenakho ukuzethemba kane nesiqiniseko ngemizwa yakho, imicabango yakho, amaphupho kanye nombono wakho. Impilo yakho, imibono yakho kanye nama gugu ophila ngawo impilo okwakho; okwenziwa abanye okwabo nabo. Udinga ukucaciseleka ngezinto ezibalulekile kuwe: ukuhloniphe, ubambelele kukho bese unga vumeli muntu akuphazamise endleleni yakho osuzi khethele yona. Uhlezi usondelana noma uqhelelana namaphupho akho. Kubalulekile ukwazi ukuthi yini ofuna ukuyifeza, empilweni personally kanye nase msebenzini. #AwushoKe uyishaya kanjani inyoni ngetshe ube unga yiboni? Ngalo lonke icebo noma umbono onawo zibuze ukuthi: *ini? *kanjani? *kuphi? *nini? *ubani? Hlolisisa amaphupho akho kanye nezifiso zakho ube usebenzisa lemibuzo engenhla. #bambaLa zazi wena ukuthi ungubani, unani futhi ufunani. INKOMBA NKOMBA YEMPUMELELO COMING SOON #SiyakhuthazanaNje

ZONKE IZIGEMEGEME OHLANGANA NAZO EMPILWENI ZIZELE UKUZO KHULISA WENA

Ngakho-ke, ungangi tsheli ukuthi akwenzeki ukuthi unqobe izinselelo ohlangana nazo empilweni kanye nezinhlungu ozizwile. Baningi abantu abahlangana nezimo ezibucayi kakhulu empilweni kepha aba lokothi behlelwe ukuzethemba. Khumbula: alukho oluzo shintsha uma wena ungaka shintshi. Ukukholwa kuwe indlela yoku ziphatha eyenzeka ngokuthi uzifundise yona wena. #bukaLa uma uke wezwa lezwi elinga phakathi kuwe liku tshela ukuthi awu hlakaniphile ngokwaneke, awu cebile ngokwanele, awu hlekisi ngokwanele noma awunaso isipiliyoni ngokwanele... Awuke uzicabange kancane. Ngabe lezwi elika bani? #IzwaLa awuzalwanga unaleyo micabango kanye nalezo zinkolelo. #AwushoKe ngabe kuqhamuka kuphi? Isinqanda mathe esidala, kumzali, kuthisha, isiqhwaga esikoleni noma emsebenzini, uzalo lakho, umphathi noma umuntu osebenzisana naye ebhizinisini? Noma ziqhamuka kubantu abahlukene osuhlangane nabo eminyakeni edlule? #bambaLa ukuhluleka kwakho ukuzethemba ngokwanele kwenziwa ilokhu okucabangayo hhayi ...

ENKINGENI EFANAYO SIPHUMA NOBUHLUNGU OBUNGEFANI NGOBA KUYA NGAWE UKUTHI UPHUME NINI KULEYO NKINGA WABE SEWAMUKELA OKUSHA

#bambaLa ngeke ukuthole okuncono uma usabambelele koku dala, ukugxamalaza akusizi. Kuno muntu ongena kwi abusive relationship aphume emabokoboko nje kuphela ngoba kuthe kuqala wagxuma waphuma. Kanti omunye uphuma nemihuzuko ngoba wemukela uxolo okokuqala eshaywa wabekezela kabili kathathu waphuma. Omunye uphuma ezibazibazi ngoba ethi ukubekezela izinyanga ezimbalwa ecabanga ukuthi lomuntu uzoshintsha wenziwa isikhwele nje. Omunye uphuma namanxeba ngenxa yokuthi ubecabanga ukuthi ube shaywa ngoba yena onile ngakho kumele ajeze. Omunye uphuma eselandwa abomndeni ngoba yena esethi vele ukushaywa into aseyi jwayele. Omunye uphuma ngebhokisi eseze wafela ekubekezeleni ngoba enzela izingane wabe esezi khohlwa yena bese zona lezo ngane zisala dengwane zihlupheke kakhulu kunokuba bezobe ekhona ehlupheka nazo. #IzwaLa kuya ngawe ukuthi isimo okuso ubhekana kanjani naso. Ungaze ucabange ukuthi ufanelwe usizi, awudalelwanga ukuhlupheka kodwa kulethiwe ukuze kuzo vivinya wena; yazi oku...

ZIHLELELE IMPILO YAKHO

Khumbula: abantu bazo hlezi befuna ukukwenza ukuthi wenze izinto ngendlela yabo kanye nokwenza izinto ezizonelisa bona hhayi wena. Abantu abaphumelele abazixaki ngokuthi bafune ukuthi bonke abantu benze lokhu okufiswa yibo; bavulelekile ngemibono yabo kanye nemicabango yabo okwenza kungabi lula ukuthi kube nomuntu ozo benzisa lokhu abanga hambisani nakho noma indlela yokwenza okuthile. Udinga ukukholelwa kuwe kanye nokuba nentshosekelo kuqhelisa konke ukuzi ngabaza bese bengamela ukukhula kwabo. Khumbula ukuthi kwamukelekile ukuthi uphumelele, ucebe, ube nempilo bese uzazi ukuze uzokwazi ukuzuza konke lokhu okufisayo empilweni. Impela kuya dida ukulahlekelwa ukuzethemba ube ungakuzwa konke lokho kuzethemba kwakho kepha yenza sengathi uyazethemba, ufoste koze kulunge. Uma sewuphile iminyaka eminingi unga thembekile kuwe noma unga thembekile kwabanye, kumele ucacise kulokhu ongakwazi ukuthi ukushintshe nalokhu ongeke ukwazi ukukushintsha ngisho sewu thanda. #IzwaLa Ngeke vele ...

AMANDLA OKUBUZA

Abantu abaphumelele bayazi ukuthi ukuze uhwebelane kahle nomuntu, kumele babuze imibuzo. Lokhu kubuye kusize ukugwema ukunga qondani noma ninga zwisisani ngenkulumo. #AwushoKe uke uzizwe kanjani nje uma uzikhiphile nomuntu kepha engaku buzi ngisho owodwa umbuzo? Uma ungasiye umuntu okhathalele ukubuza, usuke uzitshela ukuthi uyazi konke okumele ukwazi. Ngoku buza umbuzo onesigqi ukhuthaza inkulumo ezwakalayo. Kubalulekile ukuthi unga hlambekiseli, ngoba ikona lokho okuzolawula inkulumo; eqinisweni, uma wenza kanje usuke uqinisa ikhanda nje. Buza ngesihle futhi ubuzele ukucaciseleka ngalokhu oku buzayo ngoba kuzo letha lenkulumo oyilindele. Sebenzisa lemibuzo elandelayo: * kunga njani uma kungaba kanje naka nje? * kungani lokhu kubalulekile kuwe? * lokho kwenzeka kuphi? * kuzo kwenzeka nini lokho? * enganjani ubani nobani? Abantu abaphumelele bayawa lola amandla abo okuhlaziya izinto bese bezi qeqesha ukulalela, baqhelise konke lokhu  abaku solayo naba cabanga ukuthi ...

Ngabe Uyazazisa Noma Uyazethemba?

Uma kwenzeka uzithola ungavumelani okushiwo kuwe ngaleso sikhathi, bheka ukuthi ngabe lokhu okushiwo kuwe kubalulekile yini ukuthi ungachitha isikhathi sakho ngalokho kanye nomdlandla isidingo singekho. Awusho-ke!! Uma uzophikisana nabantu ngabe ukwenzela ukuziphakamisa? Ngabe ukwazi kangaka nani uku: • Xazulula ingxabano? • Ukuxoxisana • Ukubona izidingo zabanye abantu? • Ukubhekana ngqo nezinkinga zakho? • Ukucabangela imizwa yabanye abantu. Buka la!! Baningi abantu abamosha izimali abangenazo bethenga izinto abangazi thandi benzela ukujabulisa abantu abanga bathandi. Ukwembulwa Kwe Ngqikithi Yokuzethemba Abantu abazethembayo bacebile nje ingenxa yoku kholelwa kubona, bane zinhliziyo ezivulekile abahlonipha abanye abantu, baya gqugquzela futhi bakhuthaze abanye abantu babe amaqhawe. Abantu abazethembayo bazwela kakhulu futhi baya yihlonipha imizwa yabanye abantu njengoba besondelene kakhulu neyabo imizwa. Bano zwelo futhi balungile banomoya wokupha futhi bayazi khathaza...
Isitha sakho sise duze kwakho, akusibo bonke abathi Nkosi abayobona umbuso wezulu. Kanjalo-ke nabathi mngani akusibo bonke abangabangami beqiniso. Kufana ncamashi nala bantu abathi baya kuthanda basuke benga kuqondile yikho bekusho njalo. # IzwaLa qaphela labangani abahlezi befuna ukulalela ezakho izindaba sengathi abanazo ezabo. ... # bukaLa yena nje uvakasha njalo kwakho kodwa yena akaze akumeme kwakhe. Yena njalo uyakhala ubona wena unokuningi. # bambaLa nciphisa ukukhuluma ngawe ukuze izitha zingeke zazi ukuthi ziku cuthele kuphi. Zimakethe endaweni efanele futhi ngezinto ezifanele endaweni efanele. Facebook Page: Mxo Sobahle Twitter: @MxoSobahle Instagram: mxo_sobahle YouTube Channel: #SiyakhuthazanaNje
UJEHOVA AKASIBUKI NJENGOBA ABANTU BESIBUKA Ukunga thandwa kwakho abantu akusho ukuthi noJehova akaku thandi. Ukuthi abantu balwisana nempumelelo yakho akusho ukuthi ngeke uphumelele ngoba uJehova kade agqiba ngempilo yakho. Kungenzeka abantu bayaziqhelisa kuwe, nase msebenzini sebeze baku khuluma kabi naku baphathi kodwa # bukaLa noma banga yivala impumelelo yakho kodwa uJehova kukhona la ezokuvulela khona amasango empumelelo. ... # IzwaLa ngeke kwenzeke ngoku phazima kweso, qhubeka noku nqonqotha, unganaki futhi ukuthi seku kangaki uzama; yena uzokuvulela. Kungenzeka kuna bantu abaku hlekisa uma bekubona kanti izinhliziyo zabo zigaya izibozi. Wena uzoba ilento uThixo akudalela yona, noma benga gqiba ngawe bethi soze ube utho, ungapheli amandla ngoba uThixo unamacebo amahle ngawe futhi amacebo aphethe impumelelo yakho. Noma engabe bathini abantu ngawe, bakhulunyiswa umona wena qhubeka nempilo yakho uyenze ibencono ngoba wena uzophumelela benomona benjalo. Facebook Pa...
IPHUTHA ELIKHULU ESILENZAYO UKUHLALA EPHUTHENI ESELENZEKILE Iphutha yebo ulenzile, zajabula izitha ukuthi ushayekile empilweni wawa. Ubezwa bethi, "sasivele sibona ukuthi uzenza ncono ubala". Izitha zohamba zixoxelana ngokuwa kwakho, zivele zijabule kodwa wena suka lapho owele khona ukuze nalesi esixoxelwe singathi sizibonele ngawaso. Ilwa zijabule zithi zisayo xoxelana zingabe zisakufica la ezikushiye khona. ... # khumbula Izitha zakho zokubheka la zicuphe wabambeka khona azazi ukuthi awusekho lapho. Uma ukuzala kwakho usafunda isikole kuzi jabulisile izitha zakho kwaphoqa ukuthi uthi ukuma esikoleni waba idrop out. Izitha zakho azinga kufici usayi drop out azibuye sewuyi graduate zidideke ukuthi kwenzakaleni. Azikushiye zithi ngeke wawuthola umsebenzi zikufice sewazenzela owakho ngezandla zakho sewuqasha abantu. Azikubone uhlezi esigcakini zicabange ukuthi wotha ilanga kanti womisa umsebenzi wakho wokubaza (wood work) owubazile, upholisha umsebenzi wakho...

if you want to be treated like a King, you have to make her feel like a Queen and you can't be a Queen and not respect your King

Othandweni lakho okulo noma oya kulo, kumele ungene kuleyo relationship ngoba uthanda. Hlala kulo ngoba unomuntu okwenza uzizwe ubalulekile. Ungafuni ukuhlezi uphethwe kahle kanti wena umuntu, wakho awumenzi azizwe kanjalo. Love is a two way road. # IzwaLa uzozizwa ujabule kodwa uma uzolokhu wemukele njalo, umuntu wakho engatholi lutho kuwe aze akushiye lusemnandi kanjalo uthando nempatho yakhe. Phela akatholi lutho kuwe kanti lento kumele kube inika nika. ... # bukaLa if you want to be treated like a King, you have to make her feel like a Queen and you can't be a Queen and not respect your King. Hlukana nokwenzela abantu nge relationship yakho, awuba kweleti nje so asikho isidingo sokuthi your relationship issues be public. Ungakhethi isithandwa ngoba wenzela abangani, khetha omthandayo ukuze ungabi nenkinga uma seni nobabili. Phela owakho hhayi owenu. Abantu bazohlezi bekhuluma; uma emuhle bazomusho bethi ikhiwane elihle ligcwala izibungu futhi uma bengathandi...

Ukuthi Awuphumelelanga Namuhla Akusho Ukuthi Nakusasa Angeke Uphumelele

Siyaphila nje emhlabeni sise mpini, impi la esilwela impumelelo, silwela khona uthando kanye nokulwela ukuthuthukisa izimpilo zethu. Sonke sise mpini kepha asilwi izimpi ezifanayo. Okubi nje ukuthi kukhona abangaka nqobi ngisho neyodwa impi. Kunalezi zimpi ezingenaso isidingo, azinaso isicoco ngoba asizuzi lutho siyeke ukulwa lezi okumele sizilwe. Hlukana noku lwela uthando; uma uthandwa uyathandwa futhi uma ungathandwa awuthandwa. # bambaLa uthando lwangempela lutholakala ku ... Jehova ngoba yena uwuthando. Bese kuzoba ilempi esiyilwa sonke yokulwela ukwenza izimpilo zethu zibe ncono. Sonke sizalwe silingana futhi sonke sidalelwe impumelelo. # IzwaLa uma ufuna impumelelo kumele ulindele ukhuthi uzozwa ubuhlungu maphakathi nempi. Lindela ukuthi abanye abantu bazo ziqhelisa kuwe. Lindela ukulwa kepha wazi ukuthi lempi obhekene nayo akuyona eyakho kepha ngeka Jehova. Vuka wenze, ungathi uzokwenza kusasa ngoba kusasa kuzobe kuno kunye okudinga wena. Ukuthi awuphumelelanga ...

UKONAKALA KOBISI UKULUNGA KWAMASI

Ukonakala kobisi ukulunga kwamasi. Lo monakalo owubona empilweni yakho manje, uze uzibuze ukuthi kanti kuyoze kube nini mina ngishiywa sengithembile. Bekumele lonakale ubisi ukuze kube amasi kudleke. # ungadideki ubisi aludleki kahle kahle, nokuba nendima ebalulekile emzimbeni. Kepha mhla ubisi luphenduka amasi, udla usuthe uze wozele. # bambaLa kuJehova ayikho into ephelelwa isikhathi kepha uma izinto zika Jehova zibonakala sengathi ziyonakala zisuke zisaqala isigaba esisha. ... Ungavumi ukubulawa ukukhala kwa namuhla ngoba ngeke ukubone ukuhleka kwa kusasa. Khala bese ukhululeka ukuthi AKUHLWE ukuze kuse UHLEKE Facebook Page: Mxo Sobahle Twitter: @Mxosobahle Instagram: mxo_sobahle YouTube  Channel: #SiyakhuthazanaNje

EXCUSE ME!! WHAT IS YOUR EXCUSE?

Abantu abaphumelele bane sibindi, baphokophelela phambili, bakhuthazekileh futhi bayakwazi ukuziphatha ngendlela efanele neyamukelekile. Ebantwini abaningi zonke lezinto bayazifunda abazalwa nazo. Angine ndaba noku balisa kwakho ekutheni awuwutholangahh umsebenzi kulo nyaka kepha ufesa uze uphose ithawula. Abantu abaphumelele baya phokophela futhi abavumeli noma engabe yini eme endleleni yabo nenqubekela phambili. Ziningi izimpunyela, omacaphuna kusale kanye nabasunguli bezinto abakholelwa kakhulu kwilukuluku abanalo lenqubekela phambili. Vele nabo bana wabo amaphutha nalapho abantekenteke khona-nabo banga bantu-kepha abavumeli ukuba ntekenteke kwabo kanye namaphutha abo kume endleleni yabo kepha bawufaka kakhulu umfutho. # IzwaLa kwaphoqa ukuthi ngiqale phansi bese ngenyuka la engibona khona ukuthi kuse sicongweni. Ngiyazidla ngokwenza njalo. Akubanga lula ukufuna impumelelo eza kalula. Facebook Page: Mxo Sobahle Twitter: @MxoSobahle Instagram: mxoo_sobahle YouTu...

Ukuqala Kokubhayiza Ukubukela Omunye Umuntu Phansi

Impilo yomuntu yakhiwe izigaba zempilo. Umuntu ukuze akhule kunezigaba okumele udlule kuzo uma usaphila. Ukuthi uyakhala kulo nyaka, awu lungelwa lutho!! Ukuthi kulo nyaka izinto ziku hambela kahle asikho isiqoniseko sokuthi nangonyaka ozayo kuzobe kuse njalo. #IzwaLa qaphela ukuzazisa ngoba izinto zisaku hambela kahle bese uphakama kakhulu kuna banye. Qaphela ukuzazisa ngoba kusekhona abakhangeza kuwe ukuze babeke ukudla etafuleni, kepha zithobe. Uma impilo yakho isabhekane nokweswela; qhubeka njalo uzithobe kuJehova bese wazisa konke akudalile. Impilo izoku mangaza ngoba awazi ukuthi uJehova uyididiyele kanjani. Kulo lolusizi obhekene nalo kukhlna abazoku shiya ngoba bazi ukuthi uyabadinga, kuze kukhona ngisho abahlekisa ngosizi lwakho. #bambaLa uJehova akalenzi iphutha kepha udala amasu. Asikho isikhathi esibekelwe uJehova ukuthi afeze umsebenzi wakhe kodwa uvela ngisho sekumnyama abe ukukhanya. | @MxoSobahle® | #SiyakhuthazanaNje™

Vuka Uzithathe

Uma uwa ekhishini; awuhambi ngesisu uthi uzovuka ekamelweni kepha uwa khishini uphinde uvuke khona futhi ekhishini. Ukuthi sewawa kangaki  akubalulekile kepha okubalulekile ukuthi uvuke wenzani ngemuva kokuwa. Kakade soze wavuka ungakaze uwe. Nakuba wonke umuntu ethanda ukuvuka kumele kungabi bikho namunye ozosola omunye umuntu ngokuwa kwakhe ngoba uma esevuka kuzozuza yena. | @MxoSobahle® | #SiyakhuthazanaNje™

Wenzani Ngesikhathi Sakho

Inkinga enkulu ukuvuka ekuseni ungazi uzokwenzani osukwini nokugcina kuphele unyaka ekhanda iminyaka impilo yakho imile ngoba ungu mahlalela. Noma engabe yini lena oyenzayo ukuthithukisa impilo yakho uma usasozakala kuyo qhubeka nayo ngoba iyona ezoshintsha isimo sakho uhlukane nokuba umahlalela. #bambaLa unganaki ukuthi abantu bathini ngokwenzayo okuthuthukisa impilo yakho kepha naka ukuthi lokhu okwenzayo nomosha ngakho isikhathi sakho kukusiza kuphi wena. #IzwaLa akusibo bonke abantu abazokuseka ngemizamo oyenzayo ngoba abanye abafuni ubadlule ngezinga lempilo, bakhombise ukuthi unawo amandla okwenza izinto zenzeke. Sonke sidalelwe impumelelo bese kuba kithi-ke ukuthi sizimisele kangaka nani ukuphumelela. | @MxoSobahle® | #SiyakhuthazanaNje™

Qhubeka Njalo Ungayeki Unga Phumeleli

Ukonakala kobisi ukulunga kwamasi. Lo monakalo owubona empilweni yakho manje, uze uzibuze ukuthi kanti kuyoze kube nini mina ngishiywa sengithembile. Bekumele lonakale ubisi ukuze kube amasi kudleke. #ungadideki ubisi aludleki kahle kahle, nokuba nendima ebalulekile emzimbeni. Kepha mhla ubisi luphenduka amasi, udla usuthe uze wozele. #bambaLa kuJehova ayikho into ephelelwa isikhathi kepha uma izinto zika Jehova zibonakala sengathi ziyonakala zisuke zisaqala isigaba esisha. Ungavumi ukubulawa ukukhala kwa namuhla ngoba ngeke ukubone ukuhleka kwa kusasa. Khala bese ukhululeka ukuthi AKUHLWE ukuze kuse UHLEKE

UXOLO

Uxolo into enzima kubantu abaningi. Konke kuqala kuwe, angeke ukwazi ukuxokela abanye abantu ungakaze uzixolele wena. Kumanje baningi abantu abanga xolelene la emnyango. Babodwa abaxola ngomlomo benga kaze bayixolise inhliziyo ukuze bakwazi ukuzixolela bona. Uma uzixolela wena kuqala ngamaphutha owenzile empilweni, naka njani uzokwazi ukuxolela abanye abantu. #IzwaLa Uxolo lunamathela enhliziyweni yakho. Ukungaxoli kwakho kwenza ukuthi ube namagqubu. Oxole ngempela uyadlulisa. Awusho ke!! Uma uthi uxolile kodwa awukhohliwe okwenzeka; uhluke ngani kumuntu ongaxolile na? Inkonzo yoxolo ave inzima kakhulu kodwa ubunzima boxolo abusho ukuthi kumele singaxoli. Uxolo lwenza ube nokuthula. Amagqubu imiphumela yoku ngakwazi ukuxola bese inhliziyo igayela wena izibozi. Inhliziyo enecala ayisoze yakuthola ukuphumula. Bamba la!! uJesu uthi uma siba thethelela abasonayo naka njani ekuphambukeni kwethu uJehova uzosi thethelela. Ukuzithoba kwethu kuzo senza siphakanyiswe n...

UMA UTHI WHY WENA; THEN WHO?

Uma sisaphila emhlabeni, impilo isaqhubeka sifunda lukhulu kulokhu esesidlule kukho phambilini. Akukho lula ukuziba ubuhlungu ngoba buhambisana nesifundo. Isikhiye sokumelana nobuhlungu empilweni yakho ukuthi wazi ukuthi izinhlungu nobunzima ingxenye yempilo. Unamandla okuzikhethela wena ukuthi ufuna ukuzisola uze uswele impilo yakho yonke noma uzokwenza okumele ukwenze ukuthuthukisa impilo yakho bese uqhubeka nempilo. Uwena ozozikhethela. Impilo ave imfishane, ikakhulukazi n jengoba singazazi sizophila isikhathi esingakanani. Imfishane kabi impilo ukuthi ungagxila ezintweni ezibuhlungu kanye nokuzigxeka wena uze uzingabaze. # AwushoKe  uzotholani ngoku zibuza ukuthi Why Wena? Ungazikhohlisi ngeke uthole lutho ngalokho? Sebenzela ukusondela emaphusheni akho ukuze ukwazi ukufeza izifiso zakho. Lwela ukuthi wena uziqhenye ngawe, bonke ubuhlungu buya bekezeleleka. # IzwaLa  unga vumeli ubunzima bempilo kanye nezinselelo zempilo zikuqhelise nephupho lakho. ...

ITHEMBA

Ungalinge ulahle ithemba isimo sempilo yakho singaka shintshi. Noma benga kushiya bonke, ulahlekelwe yikho konke kodwa uma usanethemba usenga zuza futhi. Never loose hope, ithemba lifana nesibani esikhanyisa lapho kumnyama khona. Ithemba alibulali ngoba mhla ulahla ithemba ngempilo uyazi bulala. Naba zibulele ingoba babe ngasenalo ithemba. So uma ungasenalo ithemba ufana nomuntu ofile. Kuyenzeka ubone sengathi eyakho inkinga izedlula zonke kanti cha ingoba nawe une vision enkulu. Uma kunento ekuhlulayo kusho ukuthi awukaku lungeli ukuthola leso sibusiso. Uma ithemba lingenawo umfutho kanye ne vision lifana nelingekho. Sukuma ngethemba ungqongqoze koze kuvuleke. Ngoba bazofika abanye bevulelwe bese ukhala uthi kuphumelela omntaka bani ube uhlulwe ukubekezela. # bukaLa  uhlulwa ukubekezelela iphupho lakho kepha emjolweni subekezele for 5 years but wahlulwa ukufesa for 5 months. # AwushoKe  uyazibonake ukuthi unjani. # SiyakhuthazanaNje ™

UXOLO

The best revenge is forgiveness. Uma umuntu ekonile inhliziyo yakho igaya izibozi, uze ucabange amaqhinga kasathane okuziphindiselela. Konke lokuthatha kwakho ubeka kuhamba isikhathi sakho, umfutho kanye nemali yakho. Amacebo kanye namaqhinga ngekusasa lakho kuyama kuphazamiseke nezinhlelo zosuku, njalo uma uthuke wazithela kulo muntu LA uhamba khona. Kushintsha ngisho i-attitude yakho, kumosheke nosuku lwakho. Uthi uyazi jabulela ngoba ubona yena etshakadula engazi nanyaka. Kukho konke lokhu you forget, the best revenge is forgiveness. Uxolo ave lubuhlungu kulo muntu osuke ekonile; njengoba kukhona abantu abanga kholelwa ekutheni kuno muntu ongaxola nje engalwanga.  Lokho kwenza ukuthi lo okonile ehlezi ejeqeza ngoba usuke engakholwa ukuthi uxole ngempela wena lapho usuke ukhululekile ngaphakathi. Unkabi ngapha udliwa unembeza ngento onganendaba nayo. Uzaca aze abe ngangothi loku vungula kube sengathi udla izinaliti uma umfice edla bese umbingelela ngesikhulu i-smile esig...

AKE UJULE

Ukujula kwe micabango yakho kwaziwa nguwe. Ukujula kothando lwakho kwaziwa nguwe kanye noku jula kwenzondo yakho kwaziwa nguwe. Ukujula kokholo lwakho futhi lwaziwa nguwe. # bukaLa  nokujula kwenjabulo kanye nenkululeko yakho kulele kuwe. Empilweni ziningi esithi uma sizenza sizikhele phezulu futhi iningi lazo aliphumeleli. Imvamisa yazo zivele zisheshe kanti vele zingu mlilo wamaphepha ngoba vele asizange siye ekujuleni kwazo. Namuhla baningi abantu abazithola bekhalela izinto ezihambe zaphelelwa isikhathi ezimpilweni zabo. Ayi ngoba bekhaliswa ukuphela kwezinto abebenazo kepha babuka izibazi ezibashiye nazo bese bekhala kakhulu. Abanye baze bazikhohlise bethi ngoba benalezi zibazi nje kumele basale sebehlala ngoba vele sekonakele kanti CHA!! Kubalulekile ukuthi udlule noma zikhona izibazi. # IzwaLa  buyela ekujuleni kwempilo yakho uyobheka ukuthi ngabe iyona mpilo obuyidinga le. Impilo nempilo inenjongo yayo, okubiza ukuthi umuntu nomuntu afune injon...