Khumbula: abantu bazo hlezi befuna ukukwenza ukuthi wenze izinto ngendlela yabo kanye nokwenza izinto ezizonelisa bona hhayi wena.
Abantu abaphumelele abazixaki ngokuthi bafune ukuthi bonke abantu benze lokhu okufiswa yibo; bavulelekile ngemibono yabo kanye nemicabango yabo okwenza kungabi lula ukuthi kube nomuntu ozo benzisa lokhu abanga hambisani nakho noma indlela yokwenza okuthile.
Udinga ukukholelwa kuwe kanye nokuba nentshosekelo kuqhelisa konke ukuzi ngabaza bese bengamela ukukhula kwabo. Khumbula ukuthi kwamukelekile ukuthi uphumelele, ucebe, ube nempilo bese uzazi ukuze uzokwazi ukuzuza konke lokhu okufisayo empilweni.
Impela kuya dida ukulahlekelwa ukuzethemba ube ungakuzwa konke lokho kuzethemba kwakho kepha yenza sengathi uyazethemba, ufoste koze kulunge.
Uma sewuphile iminyaka eminingi unga thembekile kuwe noma unga thembekile kwabanye, kumele ucacise kulokhu ongakwazi ukuthi ukushintshe nalokhu ongeke ukwazi ukukushintsha ngisho sewu thanda.
#IzwaLa Ngeke vele ukwazi ukushintsha isimo sezulu noma ukushintsha abantu, iminyaka yakho noma ubude bakho, ngakho ungashintsha khona la ukhona.
Ukuzibukela wena phansi kwenza ukuthi ungabi nakho ukukholelwa kuwe. Khumbula: ukungabi nakho ukuzethemba khona lapho kuqhuka khona nobudlelwano esizwa izinhlungu kakhulu kubo, kuphazamise ukusebenza komqondo, imizwa kanye nendlela esiziphatha ngayo.
Ngakho-ke, qaphela ukuthi uzihlanganisa nobani ngoba kulula ukukhulisa izindlela ezizokwenza uzenyeze. Qaphela izinto ozisho kuwe.
#AwushoKe ngabe ukufisa ngempela ukuthi uqhelise zonke izinkolelo kanye namanga ozitsheka wona okuthi wena awulungile ngokwanele ukuthi uphumelele? Uma kunjalo, qala kancane uqhelise zonke izinkulumo ezingakhi uzishintshe nezi nkulumo eziphokophele phambili.
#bambaLa onke amagama ayizi tatimende; uma ngaphambilibi uke wasebenzisa kakhulu amazwi ayiziswana, qala namuhla ukhulume amazwi anempumelelo.
Comments
Post a Comment