Skip to main content

ZONKE IZIGEMEGEME OHLANGANA NAZO EMPILWENI ZIZELE UKUZO KHULISA WENA

Ngakho-ke, ungangi tsheli ukuthi akwenzeki ukuthi unqobe izinselelo ohlangana nazo empilweni kanye nezinhlungu ozizwile.

Baningi abantu abahlangana nezimo ezibucayi kakhulu empilweni kepha aba lokothi behlelwe ukuzethemba. Khumbula: alukho oluzo shintsha uma wena ungaka shintshi.

Ukukholwa kuwe indlela yoku ziphatha eyenzeka ngokuthi uzifundise yona wena.

#bukaLa uma uke wezwa lezwi elinga phakathi kuwe liku tshela ukuthi awu hlakaniphile ngokwaneke, awu cebile ngokwanele, awu hlekisi ngokwanele noma awunaso isipiliyoni ngokwanele... Awuke uzicabange kancane. Ngabe lezwi elika bani?

#IzwaLa awuzalwanga unaleyo micabango kanye nalezo zinkolelo.

#AwushoKe ngabe kuqhamuka kuphi? Isinqanda mathe esidala, kumzali, kuthisha, isiqhwaga esikoleni noma emsebenzini, uzalo lakho, umphathi noma umuntu osebenzisana naye ebhizinisini? Noma ziqhamuka kubantu abahlukene osuhlangane nabo eminyakeni edlule?

#bambaLa ukuhluleka kwakho ukuzethemba ngokwanele kwenziwa ilokhu okucabangayo hhayi lokhu okwenzekayo.

Kubalulekile ukuqonda ukuthi noma engabe kwenzakalani empilweni yakho noma yini engenzeki, ukuthi usibona kanjani isimo obhekene naso okubalulekile hhayi ukuthi omunye umuntu usibona kanjani isimo okuso.

Kungenzeka wafundiswa usemncane ukuthi ubheke imvumo ethile kwabanye abantu. Kungenzeka uke wajeziselwa ukuthi awukwenzanga obutshelwe kona abanye baklonyeliswa ngokwenza njengoba betsheliwe.

Okudabukisayo nje, ukuthi abasebenzi abaningi abaqhamuka namasu kanye nemibono emangalisayo bengenza umqhashi abukeke kabi noma behliswe esikhundleni abakuso, baya zitshwa noma benga phathwa ngendlela efanayo nabanye abasebenzi, kanti esikhathini esiningi labo basebenzi abahlezi bevuma ukwenza njengoba kushiwo ibona abakhushulwayo ezikhundleni naba vuselela ama contracts.

Konke lokhu kubulala ukuzethemba kanye noku kholelwa kuwe ekwenzeni izinto zenzeke.

INKOMBANKOMBA YEMPUMELELO COMING SOON

#SiyakhuthazanaNje

Comments

Popular posts from this blog

QAPHELA!!

Akekho umuntu oyingozi njengomuntu obuzwana naye uma ninga sezwani. Ubungozi bakhe bucije okomcibishilo ngoba wazi indlela ocabanga ngayo. Indlela owenza ngayo, izindawo ozikhonzile nozihambayo, abantu ozwana nabo, ubuthaka bakho, okukucikayo noku kujabulisayo, izifiso namaphupho akho othola ukuthi beku cindezele ekutheni aphumelele wazi nezitha zakho ukuthi wabangani nazo. Lomuntu uyingozi kanga ngoba engezwana ngisho nesitha senu ngoba nje efuna wena uzwe ubuhlungu, ngoba nje ufuna wena uzwele ukuthi akasekho empilweni yakho. Uthi enza lento ebuhlungu kuwe kodwa ebe ethi usafuna ukuzwana nawe ngoba uyazi la uthintwa khona wazi i soft spot yakho. Wazi okweswele bese enza i emotional blackmail just nje ukuze ungabi ingozi njengoba naye eyingozi kuwe. #IzwaLa Qaphela abantu okhuluma nabo noma ikephi ngoba awubazi noma suke sebe thunywe iloyo muntu yini. Qaphela lokhu; kunabantu abangaku xoxela ngezindaba zabo ngoba bayakwazi wena uyakwazi kugcina imfihlo futhi vele cishe nezin...

UFUZO LUYA DLULELA

Kune mizi emihle la ngaphandle nemindeni ephila kamnandi izingane zakhona zifundile zonke. Uthi uyezwa kuthiwa njengoba umuhle kanje umuzi obhuti bakhona banama thenda, osisi bakhona izifundiswa bese abazukulu baqhuba izifundo zabo ezikhungweni zemfundo ephakeme. Bese kuzoba eminye imizi ehluphekayo engasizeke ngosizi lwayo, ishoda ngakho konke. Uthi uyezwa ngalo mndeni kuthiwe indodana yakhona igwetshwe ulife sentence isejele lena encane indodana ihuqa insangu. Bese kuthi lentombazane ebithembisa ukuqeda isikole nayo ivele imithe ubone nje ukuthi usizi lugcwele kulo muzi uze uzitshele ukuthi baloyiwe labantu. #bambaLa yonke into esiyenzayo enhle noma embi abeza ngemuva kwethu nabo bazo yenza. Njengoba wena uhlezi wehla ezimotweni ezahlukene noplastic abaphethe okukhala kahle ufike kudliwe ekhaya nalo sisi wakho omncane osakhula uyadideka ukuthi ukuze uphile kamnandi udle izinto ezimnandi kumele uqome umuntu ohamba ngemoto ngoba ebona indlela oziphethe ngayo njengo sisi omdala...

UKONAKALA KOBISI UKULUNGA KWAMASI

Ukonakala kobisi ukulunga kwamasi. Lo monakalo owubona empilweni yakho manje, uze uzibuze ukuthi kanti kuyoze kube nini mina ngishiywa sengithembile. Bekumele lonakale ubisi ukuze kube amasi kudleke. # ungadideki ubisi aludleki kahle kahle, nokuba nendima ebalulekile emzimbeni. Kepha mhla ubisi luphenduka amasi, udla usuthe uze wozele. # bambaLa kuJehova ayikho into ephelelwa isikhathi kepha uma izinto zika Jehova zibonakala sengathi ziyonakala zisuke zisaqala isigaba esisha. ... Ungavumi ukubulawa ukukhala kwa namuhla ngoba ngeke ukubone ukuhleka kwa kusasa. Khala bese ukhululeka ukuthi AKUHLWE ukuze kuse UHLEKE Facebook Page: Mxo Sobahle Twitter: @Mxosobahle Instagram: mxo_sobahle YouTube  Channel: #SiyakhuthazanaNje