Ngakho-ke, ungangi tsheli ukuthi akwenzeki ukuthi unqobe izinselelo ohlangana nazo empilweni kanye nezinhlungu ozizwile.
Baningi abantu abahlangana nezimo ezibucayi kakhulu empilweni kepha aba lokothi behlelwe ukuzethemba. Khumbula: alukho oluzo shintsha uma wena ungaka shintshi.
Ukukholwa kuwe indlela yoku ziphatha eyenzeka ngokuthi uzifundise yona wena.
#bukaLa uma uke wezwa lezwi elinga phakathi kuwe liku tshela ukuthi awu hlakaniphile ngokwaneke, awu cebile ngokwanele, awu hlekisi ngokwanele noma awunaso isipiliyoni ngokwanele... Awuke uzicabange kancane. Ngabe lezwi elika bani?
#IzwaLa awuzalwanga unaleyo micabango kanye nalezo zinkolelo.
#AwushoKe ngabe kuqhamuka kuphi? Isinqanda mathe esidala, kumzali, kuthisha, isiqhwaga esikoleni noma emsebenzini, uzalo lakho, umphathi noma umuntu osebenzisana naye ebhizinisini? Noma ziqhamuka kubantu abahlukene osuhlangane nabo eminyakeni edlule?
#bambaLa ukuhluleka kwakho ukuzethemba ngokwanele kwenziwa ilokhu okucabangayo hhayi lokhu okwenzekayo.
Kubalulekile ukuqonda ukuthi noma engabe kwenzakalani empilweni yakho noma yini engenzeki, ukuthi usibona kanjani isimo obhekene naso okubalulekile hhayi ukuthi omunye umuntu usibona kanjani isimo okuso.
Kungenzeka wafundiswa usemncane ukuthi ubheke imvumo ethile kwabanye abantu. Kungenzeka uke wajeziselwa ukuthi awukwenzanga obutshelwe kona abanye baklonyeliswa ngokwenza njengoba betsheliwe.
Okudabukisayo nje, ukuthi abasebenzi abaningi abaqhamuka namasu kanye nemibono emangalisayo bengenza umqhashi abukeke kabi noma behliswe esikhundleni abakuso, baya zitshwa noma benga phathwa ngendlela efanayo nabanye abasebenzi, kanti esikhathini esiningi labo basebenzi abahlezi bevuma ukwenza njengoba kushiwo ibona abakhushulwayo ezikhundleni naba vuselela ama contracts.
Konke lokhu kubulala ukuzethemba kanye noku kholelwa kuwe ekwenzeni izinto zenzeke.
INKOMBANKOMBA YEMPUMELELO COMING SOON
#SiyakhuthazanaNje

Comments
Post a Comment