ENKINGENI EFANAYO SIPHUMA NOBUHLUNGU OBUNGEFANI NGOBA KUYA NGAWE UKUTHI UPHUME NINI KULEYO NKINGA WABE SEWAMUKELA OKUSHA
#bambaLa ngeke ukuthole okuncono uma usabambelele koku dala, ukugxamalaza akusizi.
Kuno muntu ongena kwi abusive relationship aphume emabokoboko nje kuphela ngoba kuthe kuqala wagxuma waphuma.
Kanti omunye uphuma nemihuzuko ngoba wemukela uxolo okokuqala eshaywa wabekezela kabili kathathu waphuma.
Omunye uphuma ezibazibazi ngoba ethi ukubekezela izinyanga ezimbalwa ecabanga ukuthi lomuntu uzoshintsha wenziwa isikhwele nje. Omunye uphuma namanxeba ngenxa yokuthi ubecabanga ukuthi ube shaywa ngoba yena onile ngakho kumele ajeze.
Omunye uphuma eselandwa abomndeni ngoba yena esethi vele ukushaywa into aseyi jwayele. Omunye uphuma ngebhokisi eseze wafela ekubekezeleni ngoba enzela izingane wabe esezi khohlwa yena bese zona lezo ngane zisala dengwane zihlupheke kakhulu kunokuba bezobe ekhona ehlupheka nazo.
#IzwaLa kuya ngawe ukuthi isimo okuso ubhekana kanjani naso.
Ungaze ucabange ukuthi ufanelwe usizi, awudalelwanga ukuhlupheka kodwa kulethiwe ukuze kuzo vivinya wena; yazi okukufanele bese uphuma uma kungewona umnyango owufunayo.
Uma wenza umsebenzi obona kunge wona, sebenza kanzima ukuze uphume usebenzise wona ukuthola oncono.
#bukaLa kuna bantu abaqala njengama security bagcine sebesebenzela imikhandlu ka hulumeni. Abantu aba clean(ayo) osecretary, amajita ageza izimoto agcine eseshayela ezawo izimoto, abanye baqala ngokuba oscabha namuhla osomabhizinisi abadumile.
Ungaba noma engabe yini kanti noma uyini izimo zinga kuwisela noma ikephi uma ungazi qapheli..
#SiyakhuthazanaNje

Comments
Post a Comment