Kune mizi emihle la ngaphandle nemindeni ephila kamnandi izingane zakhona zifundile zonke.
Uthi uyezwa kuthiwa njengoba umuhle kanje umuzi obhuti bakhona banama thenda, osisi bakhona izifundiswa bese abazukulu baqhuba izifundo zabo ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Bese kuzoba eminye imizi ehluphekayo engasizeke ngosizi lwayo, ishoda ngakho konke.
Uthi uyezwa ngalo mndeni kuthiwe indodana yakhona igwetshwe ulife sentence isejele lena encane indodana ihuqa insangu. Bese kuthi lentombazane ebithembisa ukuqeda isikole nayo ivele imithe ubone nje ukuthi usizi lugcwele kulo muzi uze uzitshele ukuthi baloyiwe labantu.
#bambaLa yonke into esiyenzayo enhle noma embi abeza ngemuva kwethu nabo bazo yenza.
Njengoba wena uhlezi wehla ezimotweni ezahlukene noplastic abaphethe okukhala kahle ufike kudliwe ekhaya nalo sisi wakho omncane osakhula uyadideka ukuthi ukuze uphile kamnandi udle izinto ezimnandi kumele uqome umuntu ohamba ngemoto ngoba ebona indlela oziphethe ngayo njengo sisi omdala.
Njengoba ubona eminye imizi inezingane ezikhulelwa ubuthaphuthaphu kuyizo izinkomba zokuthi bakhona ababe isibonelo esibi kulabo abebeza emova kwabo.
Bese wena bhuti ubuya nemali kanye nobucwebe ube ungasebenzi uqola abantu bese ulindela ukuthi abeza ngemuva kwakho bafunde? Cha! Ngeke bayibone impumelelo ngemfundo kepha bazokwenza lokhu okwenziwa uwe ngoba umdala.
Ingakho nje kweminye imizi abantwana bakhona beboshwa bonke kusuke kukhona abadala ababa isibonelo esibi.
#IzwaLa iba isibonelo esihle ezinganeni zakho nezibukela kuwe nase mphakathini ngoba bonke abantu bafisa ukufana nawe balandela impilo oyiphilayo wena; abangazi soli ngemuva kwesikhathi.
Wena uyisibuko salabo abeza ngemuva kwakho. Bonke bazohamba ezinyathelweni zakho so abanga pheleli endleleni.
#SiyakhuthazanaNje

Comments
Post a Comment