Skip to main content

Ngabe Uyazazisa Noma Uyazethemba?

Uma kwenzeka uzithola ungavumelani okushiwo kuwe ngaleso sikhathi, bheka ukuthi ngabe lokhu okushiwo kuwe kubalulekile yini ukuthi ungachitha isikhathi sakho ngalokho kanye nomdlandla isidingo singekho.

Awusho-ke!! Uma uzophikisana nabantu ngabe ukwenzela ukuziphakamisa?
Ngabe ukwazi kangaka nani uku:
• Xazulula ingxabano?
• Ukuxoxisana
• Ukubona izidingo zabanye abantu?
• Ukubhekana ngqo nezinkinga zakho?
• Ukucabangela imizwa yabanye abantu.

Buka la!! Baningi abantu abamosha izimali abangenazo bethenga izinto abangazi thandi benzela ukujabulisa abantu abanga bathandi.

Ukwembulwa Kwe Ngqikithi Yokuzethemba

Abantu abazethembayo bacebile nje ingenxa yoku kholelwa kubona, bane zinhliziyo ezivulekile abahlonipha abanye abantu, baya gqugquzela futhi bakhuthaze abanye abantu babe amaqhawe. Abantu abazethembayo bazwela kakhulu futhi baya yihlonipha imizwa yabanye abantu njengoba besondelene kakhulu neyabo imizwa. Bano zwelo futhi balungile banomoya wokupha futhi bayazi khathaza ngabanye abantu.

Abantu abazethembayo sebedlule kwezi nzima izimo empilweni ingakho nemiqondo yabo ivulekile. Bawu lolu hlobo lwabantu ongaba thanda. Abantu abazethembayo ilabo bantu ojabulela ukuba seduze kwabo futhi abanye kuyenzeka kube umphathi emsebenzini kepha bayaku thokozela ukugibeza labo ababaphethe emotweni uma sekuyiwa emakhaya noma akwenzele itiye uma kwenzekile. Abantu abazethembayo baqala ngokuthi bazamukele bona kuqala ukuze bazokwazi ukwamukelwa abanye abantu njengoba bebaze benjalo, kepha labantu abazazisayo kuba nzima kubo ukuthi bamukele omunye umuntu ohlukile kubo. Labantu abazazisayo bakhuluma amazwi aqojeme nagcwele isihluku ngabantu abanga baphiwe (okuvele kube iningi labantu).

Abaqhashi abazethembayo bayathanda ukuba nabantu ababa sebenzelayo, futhi-ke nabantu bayaku thokozela ukuba seduzane nabantu abazethembayo phakathi kwabantu ngoba bayakhululeka ngabo.

#SiyakhuthazanaNje

AMAZWIBELA ENKOMBANKOMBA YEMPUMELELO 👑👊

Comments

Popular posts from this blog

UKONAKALA KOBISI UKULUNGA KWAMASI

Ukonakala kobisi ukulunga kwamasi. Lo monakalo owubona empilweni yakho manje, uze uzibuze ukuthi kanti kuyoze kube nini mina ngishiywa sengithembile. Bekumele lonakale ubisi ukuze kube amasi kudleke. # ungadideki ubisi aludleki kahle kahle, nokuba nendima ebalulekile emzimbeni. Kepha mhla ubisi luphenduka amasi, udla usuthe uze wozele. # bambaLa kuJehova ayikho into ephelelwa isikhathi kepha uma izinto zika Jehova zibonakala sengathi ziyonakala zisuke zisaqala isigaba esisha. ... Ungavumi ukubulawa ukukhala kwa namuhla ngoba ngeke ukubone ukuhleka kwa kusasa. Khala bese ukhululeka ukuthi AKUHLWE ukuze kuse UHLEKE Facebook Page: Mxo Sobahle Twitter: @Mxosobahle Instagram: mxo_sobahle YouTube  Channel: #SiyakhuthazanaNje

QAPHELA!!

Akekho umuntu oyingozi njengomuntu obuzwana naye uma ninga sezwani. Ubungozi bakhe bucije okomcibishilo ngoba wazi indlela ocabanga ngayo. Indlela owenza ngayo, izindawo ozikhonzile nozihambayo, abantu ozwana nabo, ubuthaka bakho, okukucikayo noku kujabulisayo, izifiso namaphupho akho othola ukuthi beku cindezele ekutheni aphumelele wazi nezitha zakho ukuthi wabangani nazo. Lomuntu uyingozi kanga ngoba engezwana ngisho nesitha senu ngoba nje efuna wena uzwe ubuhlungu, ngoba nje ufuna wena uzwele ukuthi akasekho empilweni yakho. Uthi enza lento ebuhlungu kuwe kodwa ebe ethi usafuna ukuzwana nawe ngoba uyazi la uthintwa khona wazi i soft spot yakho. Wazi okweswele bese enza i emotional blackmail just nje ukuze ungabi ingozi njengoba naye eyingozi kuwe. #IzwaLa Qaphela abantu okhuluma nabo noma ikephi ngoba awubazi noma suke sebe thunywe iloyo muntu yini. Qaphela lokhu; kunabantu abangaku xoxela ngezindaba zabo ngoba bayakwazi wena uyakwazi kugcina imfihlo futhi vele cishe nezin...

KONKE KWENZEKA NGESI ZATHU

Kune sizathu sakho konke okwenzeka empilweni; isizathu sokuthi uhlupheke, isizathu sezinto ezikwehlele empilweni kanye nesizathu senjabulo yakho. Futhi konke kune sikhathi sakho okwenzeka ngaso. Ngeke kwenzeke kuwe naku mngani wakho futhi noma kungenzeka ngeke kufane. Inkinga nje uzocabanga ukuthi okwakho kunzima kuno kunye kanti kune sizathu sokuthi kuwe kwenzeke ngaleyo ndlela. Akekho umuntu othanda izinhlungu. #AwushoKe kungani ubekezelela ubuhlungu ngoba la kune zinhlungu injabulo ayihlali? Kungani uphilele ukuzwa izinhlungu ongakwazi ukuzi shiya emuva la ezifanele ukuba khona? Kungani pho ulokhu ukucabanga? Vulela isikhala senjabulo, ungami ngezinhlungu. #IzwaLa ungayeki ezothando uphethe ngokuzwa ubuhlungu ngoba njalo wena uma kukhulunywa ngothando kuvuka iminjunju. Ungayeki ngenxa yokuthi lake lawa ibhizinisi lakho ngoba uzohlezi uzizwa njenge sehluleki uzibona kunga kufanele ukuzi bambela. #bambaLa kumele uwe ukuze uvuke. Kumele uwe ukuze ubone amaphutha akho. Kumel...