Uxolo into enzima kubantu abaningi.
Konke kuqala kuwe, angeke ukwazi ukuxokela abanye abantu ungakaze uzixolele wena. Kumanje baningi abantu abanga xolelene la emnyango.
Babodwa abaxola ngomlomo benga kaze bayixolise inhliziyo ukuze bakwazi ukuzixolela bona. Uma uzixolela wena kuqala ngamaphutha owenzile empilweni, naka njani uzokwazi ukuxolela abanye abantu.
#IzwaLa Uxolo lunamathela enhliziyweni yakho. Ukungaxoli kwakho kwenza ukuthi ube namagqubu. Oxole ngempela uyadlulisa.
Awusho ke!! Uma uthi uxolile kodwa awukhohliwe okwenzeka; uhluke ngani kumuntu ongaxolile na?
Inkonzo yoxolo ave inzima kakhulu kodwa ubunzima boxolo abusho ukuthi kumele singaxoli. Uxolo lwenza ube nokuthula. Amagqubu imiphumela yoku ngakwazi ukuxola bese inhliziyo igayela wena izibozi. Inhliziyo enecala ayisoze yakuthola ukuphumula.
Bamba la!! uJesu uthi uma siba thethelela abasonayo naka njani ekuphambukeni kwethu uJehova uzosi thethelela. Ukuzithoba kwethu kuzo senza siphakanyiswe ngomuso, uJehova uthembekile zikhathi zonke.
Comments
Post a Comment