Skip to main content

UMA UTHI WHY WENA; THEN WHO?

Uma sisaphila emhlabeni, impilo isaqhubeka sifunda lukhulu kulokhu esesidlule kukho phambilini. Akukho lula ukuziba ubuhlungu ngoba buhambisana nesifundo.

Isikhiye sokumelana nobuhlungu empilweni yakho ukuthi wazi ukuthi izinhlungu nobunzima ingxenye yempilo. Unamandla okuzikhethela wena ukuthi ufuna ukuzisola uze uswele impilo yakho yonke noma uzokwenza okumele ukwenze ukuthuthukisa impilo yakho bese uqhubeka nempilo.

Uwena ozozikhethela. Impilo ave imfishane, ikakhulukazi njengoba singazazi sizophila isikhathi esingakanani. Imfishane kabi impilo ukuthi ungagxila ezintweni ezibuhlungu kanye nokuzigxeka wena uze uzingabaze.


#AwushoKe uzotholani ngoku zibuza ukuthi Why Wena? Ungazikhohlisi ngeke uthole lutho ngalokho?

Sebenzela ukusondela emaphusheni akho ukuze ukwazi ukufeza izifiso zakho. Lwela ukuthi wena uziqhenye ngawe, bonke ubuhlungu buya bekezeleleka.

#IzwaLa unga vumeli ubunzima bempilo kanye nezinselelo zempilo zikuqhelise nephupho lakho.

Qhubeka ulwele ikusasa lakho. Buzothi buphela ubuhlungu wena uyobe uphumelele.

Comments

Popular posts from this blog

UKONAKALA KOBISI UKULUNGA KWAMASI

Ukonakala kobisi ukulunga kwamasi. Lo monakalo owubona empilweni yakho manje, uze uzibuze ukuthi kanti kuyoze kube nini mina ngishiywa sengithembile. Bekumele lonakale ubisi ukuze kube amasi kudleke. # ungadideki ubisi aludleki kahle kahle, nokuba nendima ebalulekile emzimbeni. Kepha mhla ubisi luphenduka amasi, udla usuthe uze wozele. # bambaLa kuJehova ayikho into ephelelwa isikhathi kepha uma izinto zika Jehova zibonakala sengathi ziyonakala zisuke zisaqala isigaba esisha. ... Ungavumi ukubulawa ukukhala kwa namuhla ngoba ngeke ukubone ukuhleka kwa kusasa. Khala bese ukhululeka ukuthi AKUHLWE ukuze kuse UHLEKE Facebook Page: Mxo Sobahle Twitter: @Mxosobahle Instagram: mxo_sobahle YouTube  Channel: #SiyakhuthazanaNje

QAPHELA!!

Akekho umuntu oyingozi njengomuntu obuzwana naye uma ninga sezwani. Ubungozi bakhe bucije okomcibishilo ngoba wazi indlela ocabanga ngayo. Indlela owenza ngayo, izindawo ozikhonzile nozihambayo, abantu ozwana nabo, ubuthaka bakho, okukucikayo noku kujabulisayo, izifiso namaphupho akho othola ukuthi beku cindezele ekutheni aphumelele wazi nezitha zakho ukuthi wabangani nazo. Lomuntu uyingozi kanga ngoba engezwana ngisho nesitha senu ngoba nje efuna wena uzwe ubuhlungu, ngoba nje ufuna wena uzwele ukuthi akasekho empilweni yakho. Uthi enza lento ebuhlungu kuwe kodwa ebe ethi usafuna ukuzwana nawe ngoba uyazi la uthintwa khona wazi i soft spot yakho. Wazi okweswele bese enza i emotional blackmail just nje ukuze ungabi ingozi njengoba naye eyingozi kuwe. #IzwaLa Qaphela abantu okhuluma nabo noma ikephi ngoba awubazi noma suke sebe thunywe iloyo muntu yini. Qaphela lokhu; kunabantu abangaku xoxela ngezindaba zabo ngoba bayakwazi wena uyakwazi kugcina imfihlo futhi vele cishe nezin...

KONKE KWENZEKA NGESI ZATHU

Kune sizathu sakho konke okwenzeka empilweni; isizathu sokuthi uhlupheke, isizathu sezinto ezikwehlele empilweni kanye nesizathu senjabulo yakho. Futhi konke kune sikhathi sakho okwenzeka ngaso. Ngeke kwenzeke kuwe naku mngani wakho futhi noma kungenzeka ngeke kufane. Inkinga nje uzocabanga ukuthi okwakho kunzima kuno kunye kanti kune sizathu sokuthi kuwe kwenzeke ngaleyo ndlela. Akekho umuntu othanda izinhlungu. #AwushoKe kungani ubekezelela ubuhlungu ngoba la kune zinhlungu injabulo ayihlali? Kungani uphilele ukuzwa izinhlungu ongakwazi ukuzi shiya emuva la ezifanele ukuba khona? Kungani pho ulokhu ukucabanga? Vulela isikhala senjabulo, ungami ngezinhlungu. #IzwaLa ungayeki ezothando uphethe ngokuzwa ubuhlungu ngoba njalo wena uma kukhulunywa ngothando kuvuka iminjunju. Ungayeki ngenxa yokuthi lake lawa ibhizinisi lakho ngoba uzohlezi uzizwa njenge sehluleki uzibona kunga kufanele ukuzi bambela. #bambaLa kumele uwe ukuze uvuke. Kumele uwe ukuze ubone amaphutha akho. Kumel...