Skip to main content

if you want to be treated like a King, you have to make her feel like a Queen and you can't be a Queen and not respect your King

Othandweni lakho okulo noma oya kulo, kumele ungene kuleyo relationship ngoba uthanda. Hlala kulo ngoba unomuntu okwenza uzizwe ubalulekile.

Ungafuni ukuhlezi uphethwe kahle kanti wena umuntu, wakho awumenzi azizwe kanjalo. Love is a two way road.

#IzwaLa uzozizwa ujabule kodwa uma uzolokhu wemukele njalo, umuntu wakho engatholi lutho kuwe aze akushiye lusemnandi kanjalo uthando nempatho yakhe. Phela akatholi lutho kuwe kanti lento kumele kube inika nika.
...
#bukaLa if you want to be treated like a King, you have to make her feel like a Queen and you can't be a Queen and not respect your King.

Hlukana nokwenzela abantu nge relationship yakho, awuba kweleti nje so asikho isidingo sokuthi your relationship issues be public.

Ungakhethi isithandwa ngoba wenzela abangani, khetha omthandayo ukuze ungabi nenkinga uma seni nobabili. Phela owakho hhayi owenu.

Abantu bazohlezi bekhuluma; uma emuhle bazomusho bethi ikhiwane elihle ligcwala izibungu futhi uma bengathandi nendlela abukeka ngayo bathi izumba.

#bambaLa okubalulekile ukuba nomuntu othandwa uwe hhayi othandelwa yena futhi okothando lwenu kuphelele kini noma kukuhle noma kukubi. Ungalokothi uxoxe ngokubi noma iphutha elenziwe umuntu wakho ngoba wena usenga mxolela kodwa bona sebo mjaja ngalo njalo.

Lokho okwenza izihlobo nabangani bahlale bembuka ngenzondo. 👊👑💭

Facebook Page: Mxo Sobahle
Twitter: @MxoSobahle
Instagram: mxo_sobahle
YouTube Channel: #SiyakhuthazanaNje

Comments

Popular posts from this blog

UKONAKALA KOBISI UKULUNGA KWAMASI

Ukonakala kobisi ukulunga kwamasi. Lo monakalo owubona empilweni yakho manje, uze uzibuze ukuthi kanti kuyoze kube nini mina ngishiywa sengithembile. Bekumele lonakale ubisi ukuze kube amasi kudleke. # ungadideki ubisi aludleki kahle kahle, nokuba nendima ebalulekile emzimbeni. Kepha mhla ubisi luphenduka amasi, udla usuthe uze wozele. # bambaLa kuJehova ayikho into ephelelwa isikhathi kepha uma izinto zika Jehova zibonakala sengathi ziyonakala zisuke zisaqala isigaba esisha. ... Ungavumi ukubulawa ukukhala kwa namuhla ngoba ngeke ukubone ukuhleka kwa kusasa. Khala bese ukhululeka ukuthi AKUHLWE ukuze kuse UHLEKE Facebook Page: Mxo Sobahle Twitter: @Mxosobahle Instagram: mxo_sobahle YouTube  Channel: #SiyakhuthazanaNje

QAPHELA!!

Akekho umuntu oyingozi njengomuntu obuzwana naye uma ninga sezwani. Ubungozi bakhe bucije okomcibishilo ngoba wazi indlela ocabanga ngayo. Indlela owenza ngayo, izindawo ozikhonzile nozihambayo, abantu ozwana nabo, ubuthaka bakho, okukucikayo noku kujabulisayo, izifiso namaphupho akho othola ukuthi beku cindezele ekutheni aphumelele wazi nezitha zakho ukuthi wabangani nazo. Lomuntu uyingozi kanga ngoba engezwana ngisho nesitha senu ngoba nje efuna wena uzwe ubuhlungu, ngoba nje ufuna wena uzwele ukuthi akasekho empilweni yakho. Uthi enza lento ebuhlungu kuwe kodwa ebe ethi usafuna ukuzwana nawe ngoba uyazi la uthintwa khona wazi i soft spot yakho. Wazi okweswele bese enza i emotional blackmail just nje ukuze ungabi ingozi njengoba naye eyingozi kuwe. #IzwaLa Qaphela abantu okhuluma nabo noma ikephi ngoba awubazi noma suke sebe thunywe iloyo muntu yini. Qaphela lokhu; kunabantu abangaku xoxela ngezindaba zabo ngoba bayakwazi wena uyakwazi kugcina imfihlo futhi vele cishe nezin...

KONKE KWENZEKA NGESI ZATHU

Kune sizathu sakho konke okwenzeka empilweni; isizathu sokuthi uhlupheke, isizathu sezinto ezikwehlele empilweni kanye nesizathu senjabulo yakho. Futhi konke kune sikhathi sakho okwenzeka ngaso. Ngeke kwenzeke kuwe naku mngani wakho futhi noma kungenzeka ngeke kufane. Inkinga nje uzocabanga ukuthi okwakho kunzima kuno kunye kanti kune sizathu sokuthi kuwe kwenzeke ngaleyo ndlela. Akekho umuntu othanda izinhlungu. #AwushoKe kungani ubekezelela ubuhlungu ngoba la kune zinhlungu injabulo ayihlali? Kungani uphilele ukuzwa izinhlungu ongakwazi ukuzi shiya emuva la ezifanele ukuba khona? Kungani pho ulokhu ukucabanga? Vulela isikhala senjabulo, ungami ngezinhlungu. #IzwaLa ungayeki ezothando uphethe ngokuzwa ubuhlungu ngoba njalo wena uma kukhulunywa ngothando kuvuka iminjunju. Ungayeki ngenxa yokuthi lake lawa ibhizinisi lakho ngoba uzohlezi uzizwa njenge sehluleki uzibona kunga kufanele ukuzi bambela. #bambaLa kumele uwe ukuze uvuke. Kumele uwe ukuze ubone amaphutha akho. Kumel...