Skip to main content

Posts

Showing posts from 2018

QAPHELA!!

Akekho umuntu oyingozi njengomuntu obuzwana naye uma ninga sezwani. Ubungozi bakhe bucije okomcibishilo ngoba wazi indlela ocabanga ngayo. Indlela owenza ngayo, izindawo ozikhonzile nozihambayo, abantu ozwana nabo, ubuthaka bakho, okukucikayo noku kujabulisayo, izifiso namaphupho akho othola ukuthi beku cindezele ekutheni aphumelele wazi nezitha zakho ukuthi wabangani nazo. Lomuntu uyingozi kanga ngoba engezwana ngisho nesitha senu ngoba nje efuna wena uzwe ubuhlungu, ngoba nje ufuna wena uzwele ukuthi akasekho empilweni yakho. Uthi enza lento ebuhlungu kuwe kodwa ebe ethi usafuna ukuzwana nawe ngoba uyazi la uthintwa khona wazi i soft spot yakho. Wazi okweswele bese enza i emotional blackmail just nje ukuze ungabi ingozi njengoba naye eyingozi kuwe. #IzwaLa Qaphela abantu okhuluma nabo noma ikephi ngoba awubazi noma suke sebe thunywe iloyo muntu yini. Qaphela lokhu; kunabantu abangaku xoxela ngezindaba zabo ngoba bayakwazi wena uyakwazi kugcina imfihlo futhi vele cishe nezin...

UFUZO LUYA DLULELA

Kune mizi emihle la ngaphandle nemindeni ephila kamnandi izingane zakhona zifundile zonke. Uthi uyezwa kuthiwa njengoba umuhle kanje umuzi obhuti bakhona banama thenda, osisi bakhona izifundiswa bese abazukulu baqhuba izifundo zabo ezikhungweni zemfundo ephakeme. Bese kuzoba eminye imizi ehluphekayo engasizeke ngosizi lwayo, ishoda ngakho konke. Uthi uyezwa ngalo mndeni kuthiwe indodana yakhona igwetshwe ulife sentence isejele lena encane indodana ihuqa insangu. Bese kuthi lentombazane ebithembisa ukuqeda isikole nayo ivele imithe ubone nje ukuthi usizi lugcwele kulo muzi uze uzitshele ukuthi baloyiwe labantu. #bambaLa yonke into esiyenzayo enhle noma embi abeza ngemuva kwethu nabo bazo yenza. Njengoba wena uhlezi wehla ezimotweni ezahlukene noplastic abaphethe okukhala kahle ufike kudliwe ekhaya nalo sisi wakho omncane osakhula uyadideka ukuthi ukuze uphile kamnandi udle izinto ezimnandi kumele uqome umuntu ohamba ngemoto ngoba ebona indlela oziphethe ngayo njengo sisi omdala...

KONKE KWENZEKA NGESI ZATHU

Kune sizathu sakho konke okwenzeka empilweni; isizathu sokuthi uhlupheke, isizathu sezinto ezikwehlele empilweni kanye nesizathu senjabulo yakho. Futhi konke kune sikhathi sakho okwenzeka ngaso. Ngeke kwenzeke kuwe naku mngani wakho futhi noma kungenzeka ngeke kufane. Inkinga nje uzocabanga ukuthi okwakho kunzima kuno kunye kanti kune sizathu sokuthi kuwe kwenzeke ngaleyo ndlela. Akekho umuntu othanda izinhlungu. #AwushoKe kungani ubekezelela ubuhlungu ngoba la kune zinhlungu injabulo ayihlali? Kungani uphilele ukuzwa izinhlungu ongakwazi ukuzi shiya emuva la ezifanele ukuba khona? Kungani pho ulokhu ukucabanga? Vulela isikhala senjabulo, ungami ngezinhlungu. #IzwaLa ungayeki ezothando uphethe ngokuzwa ubuhlungu ngoba njalo wena uma kukhulunywa ngothando kuvuka iminjunju. Ungayeki ngenxa yokuthi lake lawa ibhizinisi lakho ngoba uzohlezi uzizwa njenge sehluleki uzibona kunga kufanele ukuzi bambela. #bambaLa kumele uwe ukuze uvuke. Kumele uwe ukuze ubone amaphutha akho. Kumel...

KULA MALANGA UZWAKALA KANCONO UMA UNEMALI

Ngisho ungaba isidlakela sesigora uma nje ungenayo imali awulutho kubantu. Nazi izinto obhekana nazo uma ungena mali eskhathini sanamuhla: * uma uke wakhuluphala kuthiwa udla njalo. * uthi usuncipha emzimbeni bathi kanti udlelaphi ngoba udla kangaka. * uthi uyaqonywa kuthiwe uzoyenzani intombi unga sebenzi, baku phuce yona bethi akuna ntombi yadlala uskhwama kamahlalela. * uthi uyawasha kuthiwe uyithenge nini insipho. * uthi uya edolobheni baku buze ukuthi imali yoku gibela uyiphiwe ngubani. * uthi uyalala baku balisele ngokuthi uzofesa nini. * uthi uvula ifridge uzifunela amanzi kuthiwe; waze wane sibindi bo, wazi kahle ukuthi awufakanga lutho kulo. * uthi uya endodeni yakho kuthiwe uyitshele ikuphe imali uzothenga ama cosmetics uyeke ukuba qedela awabo. * uthi ubeka umbono bethi umuntu ongenayo imali akanalo izwi. Izona kanye lezinto ezenza ukuthi uma unga sebenzi uzibone ungeyena umuntu, uzizwe ungamukelekile uze ukhethe ukukipita ube ungathandi kepha uphoqwa isimo soku...

IMPILO

Impilo yomuntu yakhiwe izigaba zempilo. Qaphela ukuziphakamisa uma izinto zisaku hambela kahle bese ubukela abanye abantu phansi. Ungalinge uziphakamise ngoba kuse nabantu abakhangeza kuwe. Uma usabhekane nobu nzima empilweni kubiza ukuthi uzithobe kuJehova bese wazisa konke akudalile. Impilo izoku mangaza ngoba awumazi uJehova uyi didiyele kanjani impilo yakho. Kulo lolu sizi obhekene nalo kukhona abazo kushiya ube ubadinga kanye nalabo abazo hlekisa ngosizi lwakho. # IzwaLa  uJehova akalenzi iphutha, kepha udala amasu. Asikho isikhathi esibekelwe uJehova ukuthi afeze umsebenzi wakhe kodwa uvela ngisho seku mnyama kuvalwe amehlo aziveze abe ukukhanya. Ziduduze wena okhalayo ngoba kusasa uzojabula. Ziduduze wena oshiyiwe namuhla ngoba uzothandwa kusasa. # bukaLa  ukonakala kobisi ukulunga kwamasi. Lomonakalo owubona wenzeka manje, uze uzibuze ukuthi kanti kuyoze kube nini wena ushiywa sewu thembile. Okubiza ukuthi lonakale ubisi ukuze kube amasi kudleke. # Un...

Matric Owo Kwenzani

UMATRIC AWUSHO LUTHO UMA UNGEKE WENZE LUTHO Lelo pheshana isikhiye soku vula eminingi iminyango. Vele kumele ujabule, uziqhenye ngawe. Kepha kahle kahle awukenzi lutho olutheni. Khuluma nabantu asebe la ofisa ukuba khona empilweni. Awazi lutho olutheni, ngakho-ke buza! Indlela ibuzwa kwaba phambili. # bukaLa  kuku thathe iminyaka engu-12 noma ngaphezulu ukuthola lelo pheshana lika matric. Unga nqeni- hamba uye evarsity noma ecollege, iminyaka engu-4 ayilutho uma uyi qhathanisa nalena engu-12. Noma unga hamba kancane, kepha uzofika la ofisa ukuba khona- nenja iyawa qeda amanzi ngolimu. Usemusha, unomdlandla futhi uyakwazi ukwenza izinto zenzeke, ukuphasa kwakho kungu fakazi ngokwakho. # IzwaLa  ungaphiki nomngani, uzimele ube nguwe ngoku zithathela wena isinqumo sokuthi ufunani. Ninga hlohlani ngento engekho. Yenza lokhu okumele ukwenze naye enze okwakhe- ilelo nalelo nkankane aliyodla umsundu wanga kubo. Uma ucabanga ukuthi ukuphasa umatric kwanele, uphambukile. ...

Truly Speaking LIFE IS FAIR

Most people say life is unfair to everyone, which makes life fair; don't you think? Just that in bad times asifuni ukukwamukela lokho. Izimo ezibuhlungu ezidlula kuzo zisishiya sizibuza ukuthi "why me"? Kakade ubani okumele ezwe ubuhlungu because everyone will tell you that they don't deserve pain. Obunye ubuhlungu sibuzwisa abanye abantu singaqondile, ngesinye isikhathi sisuke sithi siyazivikela kepha labo esibazwisa lobo buhlungu they actually don't deserve it. Uma sekuyithi esizwela ubuhlungu siyadinwa sidinelwe labo abasizwise ubuhlungu sicabange ukuthi bebenayo enye ichoice (engeke isizwise ubuhlungu) but actually asazi lutho ngezinhloso zezinqumo zabo. In intimate relationships; we love, get hurt and love again konke kwedlule. # AwushoKe  sekukangaki nje sicabanga ukuthi sithole omaqondana but today they are our ex's? All this makes me conclude that love is actually not enough because uyehlukana nomuntu umthanda kodwa ngenxa yezimo enibhe...

Ukujula

Ukujula kwe nhliziyo yakho kwaziwa nguwe. Ukujula kwemi cabango yakho kwaziwa nguwe. Ukujula kothando lwakho kwaziwa nguwe. Ukujula kwe nzondo yakho kwaziwa nguwe. Ukujula kokholo lwakho kwaziwa nguwe. Empilweni kune zinto esizikhela phezulu uma sizenza, futhi iningi lazo aliphumeleli. Imvamisa yazo zivele zisheshe kanti vele zingu mlilo wama phepha ngoba asizange siye ekujuleni kwazo. Namuhla sizi thola sikhalela izinto ezihambe zaphelela isikhathi ezimpilweni zethu. Ayi ngoba sikhaliswa ukuphela kwazo, kepha sibuka izibazi ezisi shiye nazo bese sikhala kakhulu. Size sizi khohlise sithi, "ngoba ngine sibazi esithile kumele ngihlale kuyo". Cha!! Kubalulekile ukuthi udlule noma isibazi sikhona. # IzwaLa  buyela ekujuleni kwe mpilo yakho uyobheka ukuthi; ngabe iyona mpilo obuyi dinga le oyiphilayo. # bukaLa  impilo nempilo ine njongo yayo, okubiza ukuthi umuntu nomuntu afune injongo yempilo yakhe. # bambaLa  ekujuleni kutholakala okunga phezulu kwalokhu obuku ...