Skip to main content

IMPILO

Impilo yomuntu yakhiwe izigaba zempilo.
Qaphela ukuziphakamisa uma izinto zisaku hambela kahle bese ubukela abanye abantu phansi. Ungalinge uziphakamise ngoba kuse nabantu abakhangeza kuwe.
Uma usabhekane nobu nzima empilweni kubiza ukuthi uzithobe kuJehova bese wazisa konke akudalile. Impilo izoku mangaza ngoba awumazi uJehova uyi didiyele kanjani impilo yakho.
Kulo lolu sizi obhekene nalo kukhona abazo kushiya ube ubadinga kanye nalabo abazo hlekisa ngosizi lwakho.
#IzwaLa uJehova akalenzi iphutha, kepha udala amasu.
Asikho isikhathi esibekelwe uJehova ukuthi afeze umsebenzi wakhe kodwa uvela ngisho seku mnyama kuvalwe amehlo aziveze abe ukukhanya.
Ziduduze wena okhalayo ngoba kusasa uzojabula. Ziduduze wena oshiyiwe namuhla ngoba uzothandwa kusasa.
#bukaLa ukonakala kobisi ukulunga kwamasi. Lomonakalo owubona wenzeka manje, uze uzibuze ukuthi kanti kuyoze kube nini wena ushiywa sewu thembile. Okubiza ukuthi lonakale ubisi ukuze kube amasi kudleke.
#Ungadideki ubisi aludleki kahle kahle, kepha mhla ubisi lwaphenduka amasi; udla usuthe uze wozele.
KuJehova ayikho into ephelelwe isikhathi nenga lungiseki. Uma izinto zika Jehova zibonakala sengathi ziyonakala zisuke zisaqala isigaba esisha.
Ungavumi ukubulawa ukukhala kwa namuhla ngoba ngeke ukubone ukuhleka kwa kusasa. Khala kepha ukhululeke ukuthi AKUHLWE ukuze kuse KUKHANYE ujabule nawe.

Comments

Popular posts from this blog

UKONAKALA KOBISI UKULUNGA KWAMASI

Ukonakala kobisi ukulunga kwamasi. Lo monakalo owubona empilweni yakho manje, uze uzibuze ukuthi kanti kuyoze kube nini mina ngishiywa sengithembile. Bekumele lonakale ubisi ukuze kube amasi kudleke. # ungadideki ubisi aludleki kahle kahle, nokuba nendima ebalulekile emzimbeni. Kepha mhla ubisi luphenduka amasi, udla usuthe uze wozele. # bambaLa kuJehova ayikho into ephelelwa isikhathi kepha uma izinto zika Jehova zibonakala sengathi ziyonakala zisuke zisaqala isigaba esisha. ... Ungavumi ukubulawa ukukhala kwa namuhla ngoba ngeke ukubone ukuhleka kwa kusasa. Khala bese ukhululeka ukuthi AKUHLWE ukuze kuse UHLEKE Facebook Page: Mxo Sobahle Twitter: @Mxosobahle Instagram: mxo_sobahle YouTube  Channel: #SiyakhuthazanaNje

QAPHELA!!

Akekho umuntu oyingozi njengomuntu obuzwana naye uma ninga sezwani. Ubungozi bakhe bucije okomcibishilo ngoba wazi indlela ocabanga ngayo. Indlela owenza ngayo, izindawo ozikhonzile nozihambayo, abantu ozwana nabo, ubuthaka bakho, okukucikayo noku kujabulisayo, izifiso namaphupho akho othola ukuthi beku cindezele ekutheni aphumelele wazi nezitha zakho ukuthi wabangani nazo. Lomuntu uyingozi kanga ngoba engezwana ngisho nesitha senu ngoba nje efuna wena uzwe ubuhlungu, ngoba nje ufuna wena uzwele ukuthi akasekho empilweni yakho. Uthi enza lento ebuhlungu kuwe kodwa ebe ethi usafuna ukuzwana nawe ngoba uyazi la uthintwa khona wazi i soft spot yakho. Wazi okweswele bese enza i emotional blackmail just nje ukuze ungabi ingozi njengoba naye eyingozi kuwe. #IzwaLa Qaphela abantu okhuluma nabo noma ikephi ngoba awubazi noma suke sebe thunywe iloyo muntu yini. Qaphela lokhu; kunabantu abangaku xoxela ngezindaba zabo ngoba bayakwazi wena uyakwazi kugcina imfihlo futhi vele cishe nezin...

KONKE KWENZEKA NGESI ZATHU

Kune sizathu sakho konke okwenzeka empilweni; isizathu sokuthi uhlupheke, isizathu sezinto ezikwehlele empilweni kanye nesizathu senjabulo yakho. Futhi konke kune sikhathi sakho okwenzeka ngaso. Ngeke kwenzeke kuwe naku mngani wakho futhi noma kungenzeka ngeke kufane. Inkinga nje uzocabanga ukuthi okwakho kunzima kuno kunye kanti kune sizathu sokuthi kuwe kwenzeke ngaleyo ndlela. Akekho umuntu othanda izinhlungu. #AwushoKe kungani ubekezelela ubuhlungu ngoba la kune zinhlungu injabulo ayihlali? Kungani uphilele ukuzwa izinhlungu ongakwazi ukuzi shiya emuva la ezifanele ukuba khona? Kungani pho ulokhu ukucabanga? Vulela isikhala senjabulo, ungami ngezinhlungu. #IzwaLa ungayeki ezothando uphethe ngokuzwa ubuhlungu ngoba njalo wena uma kukhulunywa ngothando kuvuka iminjunju. Ungayeki ngenxa yokuthi lake lawa ibhizinisi lakho ngoba uzohlezi uzizwa njenge sehluleki uzibona kunga kufanele ukuzi bambela. #bambaLa kumele uwe ukuze uvuke. Kumele uwe ukuze ubone amaphutha akho. Kumel...