UMATRIC AWUSHO LUTHO UMA UNGEKE WENZE LUTHO
Lelo pheshana isikhiye soku vula eminingi iminyango. Vele kumele ujabule, uziqhenye ngawe. Kepha kahle kahle awukenzi lutho olutheni.
Khuluma nabantu asebe la ofisa ukuba khona empilweni. Awazi lutho olutheni, ngakho-ke buza! Indlela ibuzwa kwaba phambili.
#bukaLa kuku thathe iminyaka engu-12 noma ngaphezulu ukuthola lelo pheshana lika matric. Unga nqeni- hamba uye evarsity noma ecollege, iminyaka engu-4 ayilutho uma uyi qhathanisa nalena engu-12.
Noma unga hamba kancane, kepha uzofika la ofisa ukuba khona- nenja iyawa qeda amanzi ngolimu. Usemusha, unomdlandla futhi uyakwazi ukwenza izinto zenzeke, ukuphasa kwakho kungu fakazi ngokwakho.
#IzwaLa ungaphiki nomngani, uzimele ube nguwe ngoku zithathela wena isinqumo sokuthi ufunani. Ninga hlohlani ngento engekho. Yenza lokhu okumele ukwenze naye enze okwakhe- ilelo nalelo nkankane aliyodla umsundu wanga kubo.
Uma ucabanga ukuthi ukuphasa umatric kwanele, uphambukile. Awuna lutho olutheni, kepha isikhali soku zingela noma yini oyifunayo. Hamba uyothola abangani abasha abaphokophele phambili, ufezekise amaphupho owawu nawo kusukela useyi ngane.
Abazali bakho bayazi qhenya ngawe, nami futhi ngiya ziqhenya ngawe. Ungalindi ibhadi, hamba uyofunda. Unga phumula unyaka uma ungaka kulungeli ukuqhubeka ufunde, akusilo icala kepha ukuhlelisisa- ekugcineni kosuku sonke sifuna isikhali soku gwema inhlupheko.
Abantu abamnyama abaningi baphantela impilo encono besuka ko 2 room, emjondolo, emixhasweni ka hulumeni- akulona iphutha lethu, iphutha lethu kuzoba ukunga shintshi isimo sezi mpilo zethu.
Comments
Post a Comment