Ukujula kwe nhliziyo yakho kwaziwa nguwe.
Ukujula kwemi cabango yakho kwaziwa nguwe.
Ukujula kothando lwakho kwaziwa nguwe.
Ukujula kwe nzondo yakho kwaziwa nguwe.
Ukujula kokholo lwakho kwaziwa nguwe.
Ukujula kwemi cabango yakho kwaziwa nguwe.
Ukujula kothando lwakho kwaziwa nguwe.
Ukujula kwe nzondo yakho kwaziwa nguwe.
Ukujula kokholo lwakho kwaziwa nguwe.
Empilweni kune zinto esizikhela phezulu uma sizenza, futhi iningi lazo aliphumeleli. Imvamisa yazo zivele zisheshe kanti vele zingu mlilo wama phepha ngoba asizange siye ekujuleni kwazo.
Namuhla sizi thola sikhalela izinto ezihambe zaphelela isikhathi ezimpilweni zethu. Ayi ngoba sikhaliswa ukuphela kwazo, kepha sibuka izibazi ezisi shiye nazo bese sikhala kakhulu.
Size sizi khohlise sithi, "ngoba ngine sibazi esithile kumele ngihlale kuyo". Cha!! Kubalulekile ukuthi udlule noma isibazi sikhona.
#IzwaLa buyela ekujuleni kwe mpilo yakho uyobheka ukuthi; ngabe iyona mpilo obuyi dinga le oyiphilayo.
#bukaLa impilo nempilo ine njongo yayo, okubiza ukuthi umuntu nomuntu afune injongo yempilo yakhe.
#bambaLa ekujuleni kutholakala okunga phezulu kwalokhu obuku lindele osebeni lwempili yakho.
Ake sisuke osebeni kepha sidlulele ekujuleni kwezi mpilo zethu. Ungabe usabheka ukuthi sewu zame kangaka nani kunga lungi.
La ukhona; ake uhlele impilo yakho uze ufike ekujuleni kwayo, uzobona la kumele ulungise khona.
Uma kumele ufake umfutho emsebenzini wakho (career) uzokwenza lokho. Uma kumele ujule ngothando okulo, uzojula. Uma usaphila usenga faka umoya ubone uphuma nani.
Khohlwa ubusuku bonke uzama. Khohlwa abantu asebeke bafika empilweni yakho baku zwisa ubuhlungu bese baku shiya. Khohlwa izibazi osele nazo, ezinye zazo zisa luma okusho ukuthi awuka pholi ngaphakathi.
Wena buyela ekujuleni kwe mpilo yakho; okudinga ukulahlwa kulahle, okudinga ukupholishe yenza njalo ukupholishe.
Comments
Post a Comment