Skip to main content

Ukujula

Ukujula kwe nhliziyo yakho kwaziwa nguwe.
Ukujula kwemi cabango yakho kwaziwa nguwe.
Ukujula kothando lwakho kwaziwa nguwe.
Ukujula kwe nzondo yakho kwaziwa nguwe.
Ukujula kokholo lwakho kwaziwa nguwe.
Empilweni kune zinto esizikhela phezulu uma sizenza, futhi iningi lazo aliphumeleli. Imvamisa yazo zivele zisheshe kanti vele zingu mlilo wama phepha ngoba asizange siye ekujuleni kwazo.
Namuhla sizi thola sikhalela izinto ezihambe zaphelela isikhathi ezimpilweni zethu. Ayi ngoba sikhaliswa ukuphela kwazo, kepha sibuka izibazi ezisi shiye nazo bese sikhala kakhulu.
Size sizi khohlise sithi, "ngoba ngine sibazi esithile kumele ngihlale kuyo". Cha!! Kubalulekile ukuthi udlule noma isibazi sikhona.
#IzwaLa buyela ekujuleni kwe mpilo yakho uyobheka ukuthi; ngabe iyona mpilo obuyi dinga le oyiphilayo.
#bukaLa impilo nempilo ine njongo yayo, okubiza ukuthi umuntu nomuntu afune injongo yempilo yakhe.
#bambaLa ekujuleni kutholakala okunga phezulu kwalokhu obuku lindele osebeni lwempili yakho.
Ake sisuke osebeni kepha sidlulele ekujuleni kwezi mpilo zethu. Ungabe usabheka ukuthi sewu zame kangaka nani kunga lungi.
La ukhona; ake uhlele impilo yakho uze ufike ekujuleni kwayo, uzobona la kumele ulungise khona.
Uma kumele ufake umfutho emsebenzini wakho (career) uzokwenza lokho. Uma kumele ujule ngothando okulo, uzojula. Uma usaphila usenga faka umoya ubone uphuma nani.
Khohlwa ubusuku bonke uzama. Khohlwa abantu asebeke bafika empilweni yakho baku zwisa ubuhlungu bese baku shiya. Khohlwa izibazi osele nazo, ezinye zazo zisa luma okusho ukuthi awuka pholi ngaphakathi.
Wena buyela ekujuleni kwe mpilo yakho; okudinga ukulahlwa kulahle, okudinga ukupholishe yenza njalo ukupholishe.

Comments

Popular posts from this blog

UKONAKALA KOBISI UKULUNGA KWAMASI

Ukonakala kobisi ukulunga kwamasi. Lo monakalo owubona empilweni yakho manje, uze uzibuze ukuthi kanti kuyoze kube nini mina ngishiywa sengithembile. Bekumele lonakale ubisi ukuze kube amasi kudleke. # ungadideki ubisi aludleki kahle kahle, nokuba nendima ebalulekile emzimbeni. Kepha mhla ubisi luphenduka amasi, udla usuthe uze wozele. # bambaLa kuJehova ayikho into ephelelwa isikhathi kepha uma izinto zika Jehova zibonakala sengathi ziyonakala zisuke zisaqala isigaba esisha. ... Ungavumi ukubulawa ukukhala kwa namuhla ngoba ngeke ukubone ukuhleka kwa kusasa. Khala bese ukhululeka ukuthi AKUHLWE ukuze kuse UHLEKE Facebook Page: Mxo Sobahle Twitter: @Mxosobahle Instagram: mxo_sobahle YouTube  Channel: #SiyakhuthazanaNje

QAPHELA!!

Akekho umuntu oyingozi njengomuntu obuzwana naye uma ninga sezwani. Ubungozi bakhe bucije okomcibishilo ngoba wazi indlela ocabanga ngayo. Indlela owenza ngayo, izindawo ozikhonzile nozihambayo, abantu ozwana nabo, ubuthaka bakho, okukucikayo noku kujabulisayo, izifiso namaphupho akho othola ukuthi beku cindezele ekutheni aphumelele wazi nezitha zakho ukuthi wabangani nazo. Lomuntu uyingozi kanga ngoba engezwana ngisho nesitha senu ngoba nje efuna wena uzwe ubuhlungu, ngoba nje ufuna wena uzwele ukuthi akasekho empilweni yakho. Uthi enza lento ebuhlungu kuwe kodwa ebe ethi usafuna ukuzwana nawe ngoba uyazi la uthintwa khona wazi i soft spot yakho. Wazi okweswele bese enza i emotional blackmail just nje ukuze ungabi ingozi njengoba naye eyingozi kuwe. #IzwaLa Qaphela abantu okhuluma nabo noma ikephi ngoba awubazi noma suke sebe thunywe iloyo muntu yini. Qaphela lokhu; kunabantu abangaku xoxela ngezindaba zabo ngoba bayakwazi wena uyakwazi kugcina imfihlo futhi vele cishe nezin...

KONKE KWENZEKA NGESI ZATHU

Kune sizathu sakho konke okwenzeka empilweni; isizathu sokuthi uhlupheke, isizathu sezinto ezikwehlele empilweni kanye nesizathu senjabulo yakho. Futhi konke kune sikhathi sakho okwenzeka ngaso. Ngeke kwenzeke kuwe naku mngani wakho futhi noma kungenzeka ngeke kufane. Inkinga nje uzocabanga ukuthi okwakho kunzima kuno kunye kanti kune sizathu sokuthi kuwe kwenzeke ngaleyo ndlela. Akekho umuntu othanda izinhlungu. #AwushoKe kungani ubekezelela ubuhlungu ngoba la kune zinhlungu injabulo ayihlali? Kungani uphilele ukuzwa izinhlungu ongakwazi ukuzi shiya emuva la ezifanele ukuba khona? Kungani pho ulokhu ukucabanga? Vulela isikhala senjabulo, ungami ngezinhlungu. #IzwaLa ungayeki ezothando uphethe ngokuzwa ubuhlungu ngoba njalo wena uma kukhulunywa ngothando kuvuka iminjunju. Ungayeki ngenxa yokuthi lake lawa ibhizinisi lakho ngoba uzohlezi uzizwa njenge sehluleki uzibona kunga kufanele ukuzi bambela. #bambaLa kumele uwe ukuze uvuke. Kumele uwe ukuze ubone amaphutha akho. Kumel...