Skip to main content

Posts

Showing posts from September, 2017

Purpose Driven Visionary

You Are Good Enough

Ukubaluleka Koxolo

Uxolo

#SiyakhuthazanaNje

NGABE UHLEHLELA EMUVA, UPHANDELA NDAWONYE NOMA UYA PHAMBILI?

Uzozi khathaza ngokuthi abantu bacabangani ngawe uma ungenakho ukuzethemba kane nesiqiniseko ngemizwa yakho, imicabango yakho, amaphupho kanye nombono wakho. Impilo yakho, imibono yakho kanye nama gugu ophila ngawo impilo okwakho; okwenziwa abanye okwabo nabo. Udinga ukucaciseleka ngezinto ezibalulekile kuwe: ukuhloniphe, ubambelele kukho bese unga vumeli muntu akuphazamise endleleni yakho osuzi khethele yona. Uhlezi usondelana noma uqhelelana namaphupho akho. Kubalulekile ukwazi ukuthi yini ofuna ukuyifeza, empilweni personally kanye nase msebenzini. #AwushoKe uyishaya kanjani inyoni ngetshe ube unga yiboni? Ngalo lonke icebo noma umbono onawo zibuze ukuthi: *ini? *kanjani? *kuphi? *nini? *ubani? Hlolisisa amaphupho akho kanye nezifiso zakho ube usebenzisa lemibuzo engenhla. #bambaLa zazi wena ukuthi ungubani, unani futhi ufunani. INKOMBA NKOMBA YEMPUMELELO COMING SOON #SiyakhuthazanaNje

ZONKE IZIGEMEGEME OHLANGANA NAZO EMPILWENI ZIZELE UKUZO KHULISA WENA

Ngakho-ke, ungangi tsheli ukuthi akwenzeki ukuthi unqobe izinselelo ohlangana nazo empilweni kanye nezinhlungu ozizwile. Baningi abantu abahlangana nezimo ezibucayi kakhulu empilweni kepha aba lokothi behlelwe ukuzethemba. Khumbula: alukho oluzo shintsha uma wena ungaka shintshi. Ukukholwa kuwe indlela yoku ziphatha eyenzeka ngokuthi uzifundise yona wena. #bukaLa uma uke wezwa lezwi elinga phakathi kuwe liku tshela ukuthi awu hlakaniphile ngokwaneke, awu cebile ngokwanele, awu hlekisi ngokwanele noma awunaso isipiliyoni ngokwanele... Awuke uzicabange kancane. Ngabe lezwi elika bani? #IzwaLa awuzalwanga unaleyo micabango kanye nalezo zinkolelo. #AwushoKe ngabe kuqhamuka kuphi? Isinqanda mathe esidala, kumzali, kuthisha, isiqhwaga esikoleni noma emsebenzini, uzalo lakho, umphathi noma umuntu osebenzisana naye ebhizinisini? Noma ziqhamuka kubantu abahlukene osuhlangane nabo eminyakeni edlule? #bambaLa ukuhluleka kwakho ukuzethemba ngokwanele kwenziwa ilokhu okucabangayo hhayi ...

ENKINGENI EFANAYO SIPHUMA NOBUHLUNGU OBUNGEFANI NGOBA KUYA NGAWE UKUTHI UPHUME NINI KULEYO NKINGA WABE SEWAMUKELA OKUSHA

#bambaLa ngeke ukuthole okuncono uma usabambelele koku dala, ukugxamalaza akusizi. Kuno muntu ongena kwi abusive relationship aphume emabokoboko nje kuphela ngoba kuthe kuqala wagxuma waphuma. Kanti omunye uphuma nemihuzuko ngoba wemukela uxolo okokuqala eshaywa wabekezela kabili kathathu waphuma. Omunye uphuma ezibazibazi ngoba ethi ukubekezela izinyanga ezimbalwa ecabanga ukuthi lomuntu uzoshintsha wenziwa isikhwele nje. Omunye uphuma namanxeba ngenxa yokuthi ubecabanga ukuthi ube shaywa ngoba yena onile ngakho kumele ajeze. Omunye uphuma eselandwa abomndeni ngoba yena esethi vele ukushaywa into aseyi jwayele. Omunye uphuma ngebhokisi eseze wafela ekubekezeleni ngoba enzela izingane wabe esezi khohlwa yena bese zona lezo ngane zisala dengwane zihlupheke kakhulu kunokuba bezobe ekhona ehlupheka nazo. #IzwaLa kuya ngawe ukuthi isimo okuso ubhekana kanjani naso. Ungaze ucabange ukuthi ufanelwe usizi, awudalelwanga ukuhlupheka kodwa kulethiwe ukuze kuzo vivinya wena; yazi oku...

ZIHLELELE IMPILO YAKHO

Khumbula: abantu bazo hlezi befuna ukukwenza ukuthi wenze izinto ngendlela yabo kanye nokwenza izinto ezizonelisa bona hhayi wena. Abantu abaphumelele abazixaki ngokuthi bafune ukuthi bonke abantu benze lokhu okufiswa yibo; bavulelekile ngemibono yabo kanye nemicabango yabo okwenza kungabi lula ukuthi kube nomuntu ozo benzisa lokhu abanga hambisani nakho noma indlela yokwenza okuthile. Udinga ukukholelwa kuwe kanye nokuba nentshosekelo kuqhelisa konke ukuzi ngabaza bese bengamela ukukhula kwabo. Khumbula ukuthi kwamukelekile ukuthi uphumelele, ucebe, ube nempilo bese uzazi ukuze uzokwazi ukuzuza konke lokhu okufisayo empilweni. Impela kuya dida ukulahlekelwa ukuzethemba ube ungakuzwa konke lokho kuzethemba kwakho kepha yenza sengathi uyazethemba, ufoste koze kulunge. Uma sewuphile iminyaka eminingi unga thembekile kuwe noma unga thembekile kwabanye, kumele ucacise kulokhu ongakwazi ukuthi ukushintshe nalokhu ongeke ukwazi ukukushintsha ngisho sewu thanda. #IzwaLa Ngeke vele ...

AMANDLA OKUBUZA

Abantu abaphumelele bayazi ukuthi ukuze uhwebelane kahle nomuntu, kumele babuze imibuzo. Lokhu kubuye kusize ukugwema ukunga qondani noma ninga zwisisani ngenkulumo. #AwushoKe uke uzizwe kanjani nje uma uzikhiphile nomuntu kepha engaku buzi ngisho owodwa umbuzo? Uma ungasiye umuntu okhathalele ukubuza, usuke uzitshela ukuthi uyazi konke okumele ukwazi. Ngoku buza umbuzo onesigqi ukhuthaza inkulumo ezwakalayo. Kubalulekile ukuthi unga hlambekiseli, ngoba ikona lokho okuzolawula inkulumo; eqinisweni, uma wenza kanje usuke uqinisa ikhanda nje. Buza ngesihle futhi ubuzele ukucaciseleka ngalokhu oku buzayo ngoba kuzo letha lenkulumo oyilindele. Sebenzisa lemibuzo elandelayo: * kunga njani uma kungaba kanje naka nje? * kungani lokhu kubalulekile kuwe? * lokho kwenzeka kuphi? * kuzo kwenzeka nini lokho? * enganjani ubani nobani? Abantu abaphumelele bayawa lola amandla abo okuhlaziya izinto bese bezi qeqesha ukulalela, baqhelise konke lokhu  abaku solayo naba cabanga ukuthi ...

Ngabe Uyazazisa Noma Uyazethemba?

Uma kwenzeka uzithola ungavumelani okushiwo kuwe ngaleso sikhathi, bheka ukuthi ngabe lokhu okushiwo kuwe kubalulekile yini ukuthi ungachitha isikhathi sakho ngalokho kanye nomdlandla isidingo singekho. Awusho-ke!! Uma uzophikisana nabantu ngabe ukwenzela ukuziphakamisa? Ngabe ukwazi kangaka nani uku: • Xazulula ingxabano? • Ukuxoxisana • Ukubona izidingo zabanye abantu? • Ukubhekana ngqo nezinkinga zakho? • Ukucabangela imizwa yabanye abantu. Buka la!! Baningi abantu abamosha izimali abangenazo bethenga izinto abangazi thandi benzela ukujabulisa abantu abanga bathandi. Ukwembulwa Kwe Ngqikithi Yokuzethemba Abantu abazethembayo bacebile nje ingenxa yoku kholelwa kubona, bane zinhliziyo ezivulekile abahlonipha abanye abantu, baya gqugquzela futhi bakhuthaze abanye abantu babe amaqhawe. Abantu abazethembayo bazwela kakhulu futhi baya yihlonipha imizwa yabanye abantu njengoba besondelene kakhulu neyabo imizwa. Bano zwelo futhi balungile banomoya wokupha futhi bayazi khathaza...