Skip to main content

Posts

Showing posts from June, 2018

QAPHELA!!

Akekho umuntu oyingozi njengomuntu obuzwana naye uma ninga sezwani. Ubungozi bakhe bucije okomcibishilo ngoba wazi indlela ocabanga ngayo. Indlela owenza ngayo, izindawo ozikhonzile nozihambayo, abantu ozwana nabo, ubuthaka bakho, okukucikayo noku kujabulisayo, izifiso namaphupho akho othola ukuthi beku cindezele ekutheni aphumelele wazi nezitha zakho ukuthi wabangani nazo. Lomuntu uyingozi kanga ngoba engezwana ngisho nesitha senu ngoba nje efuna wena uzwe ubuhlungu, ngoba nje ufuna wena uzwele ukuthi akasekho empilweni yakho. Uthi enza lento ebuhlungu kuwe kodwa ebe ethi usafuna ukuzwana nawe ngoba uyazi la uthintwa khona wazi i soft spot yakho. Wazi okweswele bese enza i emotional blackmail just nje ukuze ungabi ingozi njengoba naye eyingozi kuwe. #IzwaLa Qaphela abantu okhuluma nabo noma ikephi ngoba awubazi noma suke sebe thunywe iloyo muntu yini. Qaphela lokhu; kunabantu abangaku xoxela ngezindaba zabo ngoba bayakwazi wena uyakwazi kugcina imfihlo futhi vele cishe nezin...

UFUZO LUYA DLULELA

Kune mizi emihle la ngaphandle nemindeni ephila kamnandi izingane zakhona zifundile zonke. Uthi uyezwa kuthiwa njengoba umuhle kanje umuzi obhuti bakhona banama thenda, osisi bakhona izifundiswa bese abazukulu baqhuba izifundo zabo ezikhungweni zemfundo ephakeme. Bese kuzoba eminye imizi ehluphekayo engasizeke ngosizi lwayo, ishoda ngakho konke. Uthi uyezwa ngalo mndeni kuthiwe indodana yakhona igwetshwe ulife sentence isejele lena encane indodana ihuqa insangu. Bese kuthi lentombazane ebithembisa ukuqeda isikole nayo ivele imithe ubone nje ukuthi usizi lugcwele kulo muzi uze uzitshele ukuthi baloyiwe labantu. #bambaLa yonke into esiyenzayo enhle noma embi abeza ngemuva kwethu nabo bazo yenza. Njengoba wena uhlezi wehla ezimotweni ezahlukene noplastic abaphethe okukhala kahle ufike kudliwe ekhaya nalo sisi wakho omncane osakhula uyadideka ukuthi ukuze uphile kamnandi udle izinto ezimnandi kumele uqome umuntu ohamba ngemoto ngoba ebona indlela oziphethe ngayo njengo sisi omdala...

KONKE KWENZEKA NGESI ZATHU

Kune sizathu sakho konke okwenzeka empilweni; isizathu sokuthi uhlupheke, isizathu sezinto ezikwehlele empilweni kanye nesizathu senjabulo yakho. Futhi konke kune sikhathi sakho okwenzeka ngaso. Ngeke kwenzeke kuwe naku mngani wakho futhi noma kungenzeka ngeke kufane. Inkinga nje uzocabanga ukuthi okwakho kunzima kuno kunye kanti kune sizathu sokuthi kuwe kwenzeke ngaleyo ndlela. Akekho umuntu othanda izinhlungu. #AwushoKe kungani ubekezelela ubuhlungu ngoba la kune zinhlungu injabulo ayihlali? Kungani uphilele ukuzwa izinhlungu ongakwazi ukuzi shiya emuva la ezifanele ukuba khona? Kungani pho ulokhu ukucabanga? Vulela isikhala senjabulo, ungami ngezinhlungu. #IzwaLa ungayeki ezothando uphethe ngokuzwa ubuhlungu ngoba njalo wena uma kukhulunywa ngothando kuvuka iminjunju. Ungayeki ngenxa yokuthi lake lawa ibhizinisi lakho ngoba uzohlezi uzizwa njenge sehluleki uzibona kunga kufanele ukuzi bambela. #bambaLa kumele uwe ukuze uvuke. Kumele uwe ukuze ubone amaphutha akho. Kumel...

KULA MALANGA UZWAKALA KANCONO UMA UNEMALI

Ngisho ungaba isidlakela sesigora uma nje ungenayo imali awulutho kubantu. Nazi izinto obhekana nazo uma ungena mali eskhathini sanamuhla: * uma uke wakhuluphala kuthiwa udla njalo. * uthi usuncipha emzimbeni bathi kanti udlelaphi ngoba udla kangaka. * uthi uyaqonywa kuthiwe uzoyenzani intombi unga sebenzi, baku phuce yona bethi akuna ntombi yadlala uskhwama kamahlalela. * uthi uyawasha kuthiwe uyithenge nini insipho. * uthi uya edolobheni baku buze ukuthi imali yoku gibela uyiphiwe ngubani. * uthi uyalala baku balisele ngokuthi uzofesa nini. * uthi uvula ifridge uzifunela amanzi kuthiwe; waze wane sibindi bo, wazi kahle ukuthi awufakanga lutho kulo. * uthi uya endodeni yakho kuthiwe uyitshele ikuphe imali uzothenga ama cosmetics uyeke ukuba qedela awabo. * uthi ubeka umbono bethi umuntu ongenayo imali akanalo izwi. Izona kanye lezinto ezenza ukuthi uma unga sebenzi uzibone ungeyena umuntu, uzizwe ungamukelekile uze ukhethe ukukipita ube ungathandi kepha uphoqwa isimo soku...