Skip to main content

Posts

Showing posts from January, 2018

IMPILO

Impilo yomuntu yakhiwe izigaba zempilo. Qaphela ukuziphakamisa uma izinto zisaku hambela kahle bese ubukela abanye abantu phansi. Ungalinge uziphakamise ngoba kuse nabantu abakhangeza kuwe. Uma usabhekane nobu nzima empilweni kubiza ukuthi uzithobe kuJehova bese wazisa konke akudalile. Impilo izoku mangaza ngoba awumazi uJehova uyi didiyele kanjani impilo yakho. Kulo lolu sizi obhekene nalo kukhona abazo kushiya ube ubadinga kanye nalabo abazo hlekisa ngosizi lwakho. # IzwaLa  uJehova akalenzi iphutha, kepha udala amasu. Asikho isikhathi esibekelwe uJehova ukuthi afeze umsebenzi wakhe kodwa uvela ngisho seku mnyama kuvalwe amehlo aziveze abe ukukhanya. Ziduduze wena okhalayo ngoba kusasa uzojabula. Ziduduze wena oshiyiwe namuhla ngoba uzothandwa kusasa. # bukaLa  ukonakala kobisi ukulunga kwamasi. Lomonakalo owubona wenzeka manje, uze uzibuze ukuthi kanti kuyoze kube nini wena ushiywa sewu thembile. Okubiza ukuthi lonakale ubisi ukuze kube amasi kudleke. # Un...

Matric Owo Kwenzani

UMATRIC AWUSHO LUTHO UMA UNGEKE WENZE LUTHO Lelo pheshana isikhiye soku vula eminingi iminyango. Vele kumele ujabule, uziqhenye ngawe. Kepha kahle kahle awukenzi lutho olutheni. Khuluma nabantu asebe la ofisa ukuba khona empilweni. Awazi lutho olutheni, ngakho-ke buza! Indlela ibuzwa kwaba phambili. # bukaLa  kuku thathe iminyaka engu-12 noma ngaphezulu ukuthola lelo pheshana lika matric. Unga nqeni- hamba uye evarsity noma ecollege, iminyaka engu-4 ayilutho uma uyi qhathanisa nalena engu-12. Noma unga hamba kancane, kepha uzofika la ofisa ukuba khona- nenja iyawa qeda amanzi ngolimu. Usemusha, unomdlandla futhi uyakwazi ukwenza izinto zenzeke, ukuphasa kwakho kungu fakazi ngokwakho. # IzwaLa  ungaphiki nomngani, uzimele ube nguwe ngoku zithathela wena isinqumo sokuthi ufunani. Ninga hlohlani ngento engekho. Yenza lokhu okumele ukwenze naye enze okwakhe- ilelo nalelo nkankane aliyodla umsundu wanga kubo. Uma ucabanga ukuthi ukuphasa umatric kwanele, uphambukile. ...

Truly Speaking LIFE IS FAIR

Most people say life is unfair to everyone, which makes life fair; don't you think? Just that in bad times asifuni ukukwamukela lokho. Izimo ezibuhlungu ezidlula kuzo zisishiya sizibuza ukuthi "why me"? Kakade ubani okumele ezwe ubuhlungu because everyone will tell you that they don't deserve pain. Obunye ubuhlungu sibuzwisa abanye abantu singaqondile, ngesinye isikhathi sisuke sithi siyazivikela kepha labo esibazwisa lobo buhlungu they actually don't deserve it. Uma sekuyithi esizwela ubuhlungu siyadinwa sidinelwe labo abasizwise ubuhlungu sicabange ukuthi bebenayo enye ichoice (engeke isizwise ubuhlungu) but actually asazi lutho ngezinhloso zezinqumo zabo. In intimate relationships; we love, get hurt and love again konke kwedlule. # AwushoKe  sekukangaki nje sicabanga ukuthi sithole omaqondana but today they are our ex's? All this makes me conclude that love is actually not enough because uyehlukana nomuntu umthanda kodwa ngenxa yezimo enibhe...

Ukujula

Ukujula kwe nhliziyo yakho kwaziwa nguwe. Ukujula kwemi cabango yakho kwaziwa nguwe. Ukujula kothando lwakho kwaziwa nguwe. Ukujula kwe nzondo yakho kwaziwa nguwe. Ukujula kokholo lwakho kwaziwa nguwe. Empilweni kune zinto esizikhela phezulu uma sizenza, futhi iningi lazo aliphumeleli. Imvamisa yazo zivele zisheshe kanti vele zingu mlilo wama phepha ngoba asizange siye ekujuleni kwazo. Namuhla sizi thola sikhalela izinto ezihambe zaphelela isikhathi ezimpilweni zethu. Ayi ngoba sikhaliswa ukuphela kwazo, kepha sibuka izibazi ezisi shiye nazo bese sikhala kakhulu. Size sizi khohlise sithi, "ngoba ngine sibazi esithile kumele ngihlale kuyo". Cha!! Kubalulekile ukuthi udlule noma isibazi sikhona. # IzwaLa  buyela ekujuleni kwe mpilo yakho uyobheka ukuthi; ngabe iyona mpilo obuyi dinga le oyiphilayo. # bukaLa  impilo nempilo ine njongo yayo, okubiza ukuthi umuntu nomuntu afune injongo yempilo yakhe. # bambaLa  ekujuleni kutholakala okunga phezulu kwalokhu obuku ...