Skip to main content

Matric Owo Kwenzani

UMATRIC AWUSHO LUTHO UMA UNGEKE WENZE LUTHO
Lelo pheshana isikhiye soku vula eminingi iminyango. Vele kumele ujabule, uziqhenye ngawe. Kepha kahle kahle awukenzi lutho olutheni.
Khuluma nabantu asebe la ofisa ukuba khona empilweni. Awazi lutho olutheni, ngakho-ke buza! Indlela ibuzwa kwaba phambili.
#bukaLa kuku thathe iminyaka engu-12 noma ngaphezulu ukuthola lelo pheshana lika matric. Unga nqeni- hamba uye evarsity noma ecollege, iminyaka engu-4 ayilutho uma uyi qhathanisa nalena engu-12.
Noma unga hamba kancane, kepha uzofika la ofisa ukuba khona- nenja iyawa qeda amanzi ngolimu. Usemusha, unomdlandla futhi uyakwazi ukwenza izinto zenzeke, ukuphasa kwakho kungu fakazi ngokwakho.
#IzwaLa ungaphiki nomngani, uzimele ube nguwe ngoku zithathela wena isinqumo sokuthi ufunani. Ninga hlohlani ngento engekho. Yenza lokhu okumele ukwenze naye enze okwakhe- ilelo nalelo nkankane aliyodla umsundu wanga kubo.
Uma ucabanga ukuthi ukuphasa umatric kwanele, uphambukile. Awuna lutho olutheni, kepha isikhali soku zingela noma yini oyifunayo. Hamba uyothola abangani abasha abaphokophele phambili, ufezekise amaphupho owawu nawo kusukela useyi ngane.
Abazali bakho bayazi qhenya ngawe, nami futhi ngiya ziqhenya ngawe. Ungalindi ibhadi, hamba uyofunda. Unga phumula unyaka uma ungaka kulungeli ukuqhubeka ufunde, akusilo icala kepha ukuhlelisisa- ekugcineni kosuku sonke sifuna isikhali soku gwema inhlupheko.
Abantu abamnyama abaningi baphantela impilo encono besuka ko 2 room, emjondolo, emixhasweni ka hulumeni- akulona iphutha lethu, iphutha lethu kuzoba ukunga shintshi isimo sezi mpilo zethu.

Comments

Popular posts from this blog

UKONAKALA KOBISI UKULUNGA KWAMASI

Ukonakala kobisi ukulunga kwamasi. Lo monakalo owubona empilweni yakho manje, uze uzibuze ukuthi kanti kuyoze kube nini mina ngishiywa sengithembile. Bekumele lonakale ubisi ukuze kube amasi kudleke. # ungadideki ubisi aludleki kahle kahle, nokuba nendima ebalulekile emzimbeni. Kepha mhla ubisi luphenduka amasi, udla usuthe uze wozele. # bambaLa kuJehova ayikho into ephelelwa isikhathi kepha uma izinto zika Jehova zibonakala sengathi ziyonakala zisuke zisaqala isigaba esisha. ... Ungavumi ukubulawa ukukhala kwa namuhla ngoba ngeke ukubone ukuhleka kwa kusasa. Khala bese ukhululeka ukuthi AKUHLWE ukuze kuse UHLEKE Facebook Page: Mxo Sobahle Twitter: @Mxosobahle Instagram: mxo_sobahle YouTube  Channel: #SiyakhuthazanaNje

KONKE KWENZEKA NGESI ZATHU

Kune sizathu sakho konke okwenzeka empilweni; isizathu sokuthi uhlupheke, isizathu sezinto ezikwehlele empilweni kanye nesizathu senjabulo yakho. Futhi konke kune sikhathi sakho okwenzeka ngaso. Ngeke kwenzeke kuwe naku mngani wakho futhi noma kungenzeka ngeke kufane. Inkinga nje uzocabanga ukuthi okwakho kunzima kuno kunye kanti kune sizathu sokuthi kuwe kwenzeke ngaleyo ndlela. Akekho umuntu othanda izinhlungu. #AwushoKe kungani ubekezelela ubuhlungu ngoba la kune zinhlungu injabulo ayihlali? Kungani uphilele ukuzwa izinhlungu ongakwazi ukuzi shiya emuva la ezifanele ukuba khona? Kungani pho ulokhu ukucabanga? Vulela isikhala senjabulo, ungami ngezinhlungu. #IzwaLa ungayeki ezothando uphethe ngokuzwa ubuhlungu ngoba njalo wena uma kukhulunywa ngothando kuvuka iminjunju. Ungayeki ngenxa yokuthi lake lawa ibhizinisi lakho ngoba uzohlezi uzizwa njenge sehluleki uzibona kunga kufanele ukuzi bambela. #bambaLa kumele uwe ukuze uvuke. Kumele uwe ukuze ubone amaphutha akho. Kumel...

QAPHELA!!

Akekho umuntu oyingozi njengomuntu obuzwana naye uma ninga sezwani. Ubungozi bakhe bucije okomcibishilo ngoba wazi indlela ocabanga ngayo. Indlela owenza ngayo, izindawo ozikhonzile nozihambayo, abantu ozwana nabo, ubuthaka bakho, okukucikayo noku kujabulisayo, izifiso namaphupho akho othola ukuthi beku cindezele ekutheni aphumelele wazi nezitha zakho ukuthi wabangani nazo. Lomuntu uyingozi kanga ngoba engezwana ngisho nesitha senu ngoba nje efuna wena uzwe ubuhlungu, ngoba nje ufuna wena uzwele ukuthi akasekho empilweni yakho. Uthi enza lento ebuhlungu kuwe kodwa ebe ethi usafuna ukuzwana nawe ngoba uyazi la uthintwa khona wazi i soft spot yakho. Wazi okweswele bese enza i emotional blackmail just nje ukuze ungabi ingozi njengoba naye eyingozi kuwe. #IzwaLa Qaphela abantu okhuluma nabo noma ikephi ngoba awubazi noma suke sebe thunywe iloyo muntu yini. Qaphela lokhu; kunabantu abangaku xoxela ngezindaba zabo ngoba bayakwazi wena uyakwazi kugcina imfihlo futhi vele cishe nezin...